UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, uthe amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, angamanye emacaleni abhekwe kakhulu ngamaphoyisa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ememezela izibalo zobugebengu zekota yesibili onyakeni wezimali u-2024/2025, esithangamini nabezindaba ebesiseGoli, izolo.
Yize izibalo ziveze ukwehla kwezigameko zobugebengu emacaleni ahlukene kodwa isibalo sokubulawa kwabesifazane nezingane kuzwelonke, sikhuphukile.
Ngokwezibalo ezishicilelwe wuMnyango wamaPhoyisa, bangu-965 abesifazane ababulewe kuzwelonke esikhathini esiyizinyanga ezintathu nje kuphela, phakathi kuka-Julayi noSepthemba kulo nyaka. Lokhu kusho ukukhula kwesibalo ngo-8.6% uma kuqhathaniswa ngesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule.
UMchunu uthe lesi sihlava sodlame lwezobulili wuhlobo lobugebengu oselubhekwe kakhulu ngamaphoyisa.
“Ngesikhathi singena kuleli hhovisi, besinombono ocacile wokulwa nobugebengu ezweni ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu bonke. Yilowo myalelo owenza sizinikele ukwakha izwe eliphephile lapho izingane zethu ziyokhula khona ngaphandle kokugubuzelwa yifu lodlame empilweni yazo, nalapho ubulungiswa bungakhethi, bulungele wonke umuntu,” usho kanje.
Zingu-315 izingane ezibulewe ekoteni edlule okuwukukhula kwalesi sibalo uma kuqhathaniswa no-293 wezibulawe ngesikhathi esifanayo nyakenye.
Amacala okuzama ukubulala abesifazane nezingane nawo anyukile, kwathi awokushaya ngenhloso yokulimaza abesifazane ehla kancane ngo-0,2 % kanti awokushaywa ngenhloso yokulimaza izingane wona anyuka ngo- 6,8 %.
UMchunu uveze ukuthi izigameko zokubulawa kabantu kuzwelonke zehle ngo-5,8% ekoteni edlule. Amacala okudlwengula abikiwe ehle ngo-3.1%, kanti aphathelene nocansi ehle ngo- 2.5%.
Uveze ukuthi amacala okubamba inkunzi kuzwelonke nawo ehle ngo-8.8.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal silele isibili ngamacala okubulawa kwabantu kusetshenziswa isibhamu, silandela i-Gauteng.
Kuvele ukuthi ingxabano edaleka uma abantu bephuze utshwala, ngenye yezimbangela zamacala okubulawa kwabantu abikwe emaphoyiseni. Mathathu amaphoyisa abulewe kulesi sifundazwe phakathi kuka-Julayi noSepthemba, kanti amabili kuwo abengekho emsebenzini.