BADLA ngamapayipi abesilisa abathandana nabanye ezindaweni zasemakhaya lapho kulindeleke ukuthi indoda izibandakanye nokwenziwa amanye amadoda, ikakhulu ezintweni zamasiko nemikhuba.
Lokhu kuvele ngesikhathi kunesigcawu samadoda athandana namanye ebesihambisana nomkhankaso wezinsuku eziyinsuku ezingu-16, zokunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, i-16 Days of Activism Against Women and Children Abuse, ebesihlelwe inhlangano iLinzwa Foundation KwaDlangezwa, ngaseMpangeni.
Kulesi sigcawu kuhlaluke ukuthi izinto ezifana nokuhlinza uma kuhlatshiwe, ukumba emathuneni nemidlalo efana nokungcweka yinto okulindelwe ukuthi abafana bayenze ngale kokuphoqwa.
UMnuz Khanyisani “Khanyi” Cele, othandana nabesifazane kanye nabesilisa, uthe ukucwaswa uma uphila le mpilo kuqala ekhaya kini.
“Uma uchazela abazali ngemizwa yakho abafuni nokuzwa ukuthi kwenzekani emzimbeni wakho. Umama okunguyena umzali wokuqala omtshelayo, ukutshela ukuthi yena uzele insizwa okubhekwe ukuthi iqhube isibongo, hhayi okunye. Wena ukubona njengomuntu ozofaka umndeni ehlazweni,” kuchaza uKhanyisani.
UMnuz Andile Mhlongo uthe uma uphumela ngaphandle, utshela abantu ngesimo sakho nakhona abantu bayexwaya.
“Kumele uqhubeke uhlabe izinkomo noma izimbuzi (noma ungakhululekile ngalokhu). Awukwazi ukukhululeka ugqoke izingubo ezihambisana nemizwa yakho. Uma uhlala endaweni okudlalwa kuyo induku, nawe kulindeleke ukuthi uyidlale, kusetshenziswa yona induku ukuthi uqondiswe,” kusho uMhlongo.
Ephawula ngobucayi benqubo yezindawo, uNkk Sihle Mkhwanazi we-National Association of People Living With HIV/Aids (NAPWA), uthe nakuba kubalulekile ukuthi amalungelo abantu avikelwe kodwa wonke amalungelo anemingcele, nabo abathandana nabobulili obufana nobabo kumele bahloniphe abanye abantu.
UMfundisi Siphiwe Zulu, obuye abe yikhansela lenkosi ngaphansi kobukhosi bakwaMkhwanazi KwaDlangezwa, uthe ziseziningi izinselelo ezibhekana nabesilisa abazizwa bengabesifazane kanye nabesifazane abazizwa bengabesilisa emakhaya ngoba eminye imisebenzi ngeyamadoda kuphela.
“Kusaba nenkinga ngomuntu wesilisa othi yena uzizwa eyintombi ngoba ngeke ahlolwe njengezintombi. Uma amadoda esesibayeni kuyenzeka abesilisa abanjalo bangabe besamukeleka ngendlela efana namadoda aqondile, baxoshwe nasesibayeni ngenxa yempilo abayiphilayo. Nomama nabo abamemukeli ngoba usuke ezalwe engowesilisa. Akukamukeleki ukuthi kufike umuntu wesifazane othi uzizwa esandoda ngakho ufuna ukuhlanganyela namadoda ambe emathuneni,” kusho uZulu. Abazali indaba yokuthi bazothi bezele insizwa ishintshe izibize ngentombi okuzothiwa iyalotsholwa kodwa siyazama ukubabonisa, sibafundise nangamalungelo akhona. Abaphila leyo mpilo nabo kumele bahloniphe imithetho ehambisana nobukhosi ukuze kuhlaliswane kahle. Abafike begqoke iziketi emihlanganweni yamadoda,” kweluleka uZulu.
UNksz Hlengiwe Buthelezi, ongumgqugquzeli wezinhlelo zokubonisana kwabathandana nabobulili obufana nabo iGay, Lesbian, Bisexual, Transgender, Queer, Questioning, Intersex, or asexual (LGBTQIA) namakhosi , KwaZulu-Natal, uthe emakhaya kusekhona ukucwaswa okuhambisana nokushaywa kodwa akufinyeleli ekutheni kube nababulawayo.
“Izinselelo zasemakhaya zihambisana nesiko nenkolo kodwa kancane kancane umphakathi uyafundiseka ngabantu abaphila le mpilo. Okunye okusilekelelayo ukuphasiswa komthetho-sivivinyo i-Hate Crime Bill,” kuchaza uNksz Buthelezi.
UMnuz Siphesihle Sibiya weLinzwa Foundation uthe lolu hlelo belugxile kakhulu kwabesilisa abanemizwa yabanye abantu besilisa ngoba bajwayele ukuhlukumezeka kwesinye isikhathi babizwe ngamagama noma bashaywe.
“Sifisa ukuthi lo mkhuba uphele ngoba abanye abantu abaqondi ukuthi ukubiza umuntu ngamagama kungukunyathela ilungelo lakhe,” kusho uSibiya.