OBEYIMEYA yeTheku, uMnuz uMxolisi Kaunda, uthi akaxoshwanga esikhundleni ngoba eyisehluleki kodwa i-ANC ibone kufanele ayoyisebenzela kwenye indawo.
UKaunda, obekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, uphawule kabanzi ngokuxoshwa kwakhe esikhundleni wakhonjwa ePhalamende eCape Town.
UMkhandlu weTheku usezandleni ze-ANC ewuphethe ngokubambisana neNFP emuva kokuthi engabanga khona onqoba ingcaca okhethweni. Kusabalele amahlebezi okuthi kungase kujutshwe uMnuz uCyril Xaba, obeyilungu lePhalamende, azovala isikhala sikaKaunda.
Ukuchithwa kukaKaunda kumenyezelwe ngoLwesithathu ntambama futhi kuvela nje kumatasa ezweni kuzanywa ukubumba uhulumeni.
UKaunda ubebukeka engadangele, eshaya amancoko ebhuqa nangakho ukukhishwa kwakhe esikhundleni.
Uthe yena wenze konke okusemandleni ukuthi iTheku libe yindawo engcono kakhulu. Uthe ngesikhathi etshelwa ngokukhishwa kwakhe, ayiphathwanga eyokwehluleka le eshiwo ngabantu.
“Uma ujutshwa kwi-ANC awubuzi ukuthi kungani bekhethe wena, ngokunjalo noma usukhishwa ukhonjwa kwenye indawo ngeke ubuze. Yisinqumo engisemukele kahle njengoba ngihlala ngenza nakwezinye. Ngeke ngibaphendule abathi ngiyisehluleki kodwa umsebenzi wami uzozikhulumela,’’ kusho uKaunda.
Uthe uyakholelwa ekutheni i-ANC isebenzise ubuhlakani bayo ngendlela efanele ngesikhathi yenza isinqumo. Uthe ukholwa wukuthi imbone njengomuntu ofanele ukuyolekelela esikhundleni ajutshwe kusona.
Uthe ukungcola kweTheku lokhu okukhalwa ngakho kungcono kakhulu manje. Uthe balenyusile izinga lokuhlanza idolobha baze bafinyelela nasezindaweni ezisemakhaya.
Uthe uyawazi amahemuhemu abhokile, athi angase ashiye kwi-ANC aye kwenye indawo. Uthe amampunge akhulunywa ngabantu abangazi ukuthi bathini.
Uthe wazijoyinela yena i-ANC ngokuthanda kwakhe, uyayiqonda kahle ukuthi isebenza kanjani. Uthe bekunozinzo eThekwini ngesikhathi sakhe, akufani nabanye omasipala okuhlala kuketulwa izimeya kufakwe ezinye inyanga nenyanga.
Uthe uzishaya isifuba ngokuthi umasipala uphethwe kahle futhi basebenze kakhulu belwa nenkohlakalo ebidla lubi emkhandlwini.
Ubuye wathi usebenze kakhulu elungisa udaba lokushoda kwamanzi eThekwini. Kulindeleke ukuthi i-ANC ikhombe imeya entsha ezovala isikhala sikaKaunda.