UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu- Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uwaphake zisuka nje amaphoyisa angu-181, aphothule ukuqeqesha kwawo. UMkhwanazi wethule inkulumo emcimbini wokuviliyela kwamaphoyisa amasha ekolishi lawo eChartsworth, eThekwini.
UMkhwanazi uthe ngeke kusapholiswa maseko kodwa amaphoyisa kufanele angene ejokeni aqinisekise ukuphepha kwabantu bakuleli ngamaholidi.
Imicimbi yokuviliyela kwamaphoyisa amasha ibithe chithi saka ezweni futhi iyingxenye yomkhankaso obizwa ngeProject 10 000 wokulwa nobugebengu. Angu 8 616 amaphoyisa abeviliyela eqeda ukuqeqeshwa ezweni lonke.
UMkhwanazi uthe amaphoyisa asezophakwa ezindaweni ezehlukene asebenze alekelele empini yokulwa nobugebengu.
“Njengoba nizoqala umsebenzi wenu manje ngamaholidi kaKhisimusi, ngiyanicela ukuthi nivule amehlo zikhathi zonke. Izigebengu sezinodlame kakhulu futhi ukuphepha kwenu kubaluleke kakhulu. Nikhumbule ukuthi niqeqeshelwe ukumelana nezimo zangaphandle, wukusebenzisa izibhamu nanamaye amakhono,’’ kusho uMkhwanazi.
UMkhwanazi ubonge amaphoyisa amasha ngokusabela uma ebizwa kuthiwe kufunwa abazojoyina umbutho balwe nobugebengu obudla lubi ezweni. Uxwayise nangokuthi amaphoyisa angangeni ezilingweni zokwenza inkohlakalo kodwa avikele ibheji lombutho.
Uthe akangabazi ukuthi amaphoyisa akulungele ukwenza umsebenzi wawo ngoba aqeqeshwe ngendlela.
Komunye umcimbi wokuviliyela kwamaphoyisa ePaarl, eWestern Cape, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, wethule inkulumo. Unxuse amaphoyisa ukuthi njengoba kade ejima ekolishi nje, kufanele aqhubeke agcine izinga lawo linjalo.
Unxuse amaphoyisa amasha ukuthi abe namagalelo kakhulu ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.