ILUNGU le-EFF elibalwa namalungu ahluleke ancama ukuhlanganisa amabhasi abefunwa yiqembu ukuthutha amalungu awayise eFNB ngempelasonto edlule, lapho obekugujwa khona iminyaka eyishumi kwasungulwa i-EFF, lithi bazolindela inhlangano yabo ukuthi ithathe isinqumo ngabo.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Online, uMnuz Vusi Khoza olilungu lePhalamende, uthe abantu kuzomele bakuqonde ukuthi i-EFF akukho lapho ethola khona imali njenge-ANC, Action SA , DA namanye amaqembu.
“I-EFF incika kakhulu emalungwini ayo, yingakho beyicele amalungu ayo ukuthi ahlanganise amabhasi. Thina esingamalungu ePhalamende bekumele sikhiphe amabhasi angu-20 umuntu eyedwa, ibhasi lilodwa uma uliqasha linguR36 000, uma uhlanganisa imali yamabhasi awu-20, ingafika kuR800 000, okuyinto obekumele yenzeke ezinyangeni eziyisithupha.
Amalungu esishayamthetho bekumele akhiphe amabhasi angu 10 ilungu ngalinye, kuthi amakhansela kube yibhasi elilodwa.
Esithangamini nabezindaba uMnuz Julius Malema ongumholi waleli qembu, uthe bonke labo abahluleke ukugcina umyalelo weqembu, kuzomele beze bazochaza ukuthi kungani behlulekile.
“Kodwa ukuba kuya ngami ngabe bavele basule eqenjini ngoba kabayazi into abayenzayo futhi kabalisizi ngalutho iqembu,” kusho uMalema.
Uthe kungcono ukwazi ukuthi unabantu othembele kubona abahlanu kunokuba nabalishumi kodwa kabangenzi lutho,“kusho uMalema.
Ephendula kulokhu uKhoza, uthe uMalema ubesekhuluma ngombono wakhe uma ethi yena ukuba kuya ngaye ngabe uyabaxosha.
“I-EFF ilandela imigomo yenhlangano. Yingakho naye ethi ukuba kuya ngaye. Empeleni kuzolandelwa imigudu efanele, kube sekuthathwa isinqumo,”kuchaza uKhoza.
Uthe yena uzokwenza okushiwo yiqembu ngoba uyalithanda kakhulu. Uveze ukuthi izikhundla ezikhona eqenjini akuzona ezabo, ngezeqembu, uma kungukuthi liyakususa wulandela lokho njengoba lingakutshelanga ngesikhathi likubeka esikhundleni.
Esithangamini sabezindaba uMalema uthinte izinto eziningi, njenge ngoma ethi, Dubul’ iBhunu, athi inkantolo yamkhipha phambili ngaleli culo.
Udonse ngendlebe abathi bazomasha beze emahhovisi ale nhlangano. Uphinde wakhwela wadilika kuNkk Helen Zille, emdelela ngobuso bakhe. Uthe yena nePhini lakhe uMnuz Floyd Shivambu bazwana ngale ndlela exakile, ngisho efa uthi uyitshelile indodana yakhe ukuthi ikhulume noShivambu ngakho konke.