UCHAZWE njengomuntu obemnene futhi ebazisa abantu uNksz Pearl Msomi obeyikhansela leDemocratic Alliance (DA) oshone ngoMgqibelo ekuseni.
Ngokwemibiko, uMsomi ushonele esibhedlela ngemuva kokugula isikhashana.
Umholi weleli qembu KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe njengeqembu bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kukaMsomi.
URodgers uchaze uMsomi njengomuntu obezinikele futhi ewuthanda umsebenzi wakhe.
Eqhuba uRodgers uthe, uMsomi ulisebenzele ngeqiniso iqembu njengoba aze anqoba uWadi-9 ngaphansi kukaMasipala weTheku.
"Njengeqembu leDA sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, ezihlotsheni nasebanganini bakaMsomi, odlule emhlabeni esibhedlela namhlanje ngemuva kokugula isikhashana.
“UMsomi ubengumuntu ozinikele eqenjini futhi ubesebenza ngokuzikhandla, lokhu kufakazelwe wukuthi anqobe uWadi-9 ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo 2021,” kusho uRodgers.