ISIBEKE ithemba layo ebukhosini bendawo imindeni yabafundi bakwaSwayimane High kulandela ukuhlaselwa nokusatshiswa kwezingane zayo kulandela ukufa komfundi ngo-Agasti nonyaka.
Esigamekweni sango-Agasti 5 Isolezwe elabika ngaso, kwashona umfundi kaGrade 9, u-Akhona Vidima (16) esikoleni.
Kuthiwa wabulawa abafundi ayefunda nabo uGrade 9, maqede kwasuka uthuthuva emphakathini.
Amalungu omphakathi abhikisha efuna isikole sikhiphe okuqoshwe amakhamera ukuze kuvele ukuthi u-Akhona wabulawa ubani.
Imindeni yakwaGoqo nakwaNgema, enezingane ezisolwa ngokuthinteka ekufeni kuka-Akhona ithi ithandazela ukuthi umhlangano obizwe yinkosi yendawo kusasa ulethe ukuthula.
Ilungu lomndeni wakwaGoqo elicele ukuthi lingadalulwa, lithe ingane yakhona kuphoqe ukuthi iyekiswe isikole, impilo yayo ingaphephile.
“Ubuholi besikole obebukhona ngaleso sikhathi, uthishanhloko nesekela lakhe, nabo asebebalekisiwe kulesi sikole ngenxa yokungabi bikho kozinzo kulandela isigameko sokufa kuka-Akhona, baseluleka ngokuthi simmise umntwana esikoleni ngoba akaphephile,” kusho ilungu.
Lithi phakathi kwezinto ebezenzeka kumntwana wabo ukuthi abanye abafundi bebembiza ngombulali baze baphume nasekilasini bayoma phandle, bathi ngeke bakwazi ukuhlala nombulali ekilasini elilodwa.
Lithi owakubo umntwana usolwa ngoba wayekhona ngesikhathi umufi ephelelwa amandla bedlala ibhola.
“Kuthiwa wathi u-Akhona umntwana wakithi akahambe ayombizela lo wakwaNgema ngoba uzizwa engaphilile, maqede wawa. Kuthiwa wagijima lona owakithi ukuyobiza owakwaNgema, ehambe esho nakwezinye izingane ukuthi nangu u-Akhona ephelelwa amandla, ewa,” kusho ilungu.
Lithi waphuthuma endaweni yesigameko umntwana wakwaNgema, kanti kuzothi kusenjalo, kuqhamuke omunye umfundi owafike wathi: “Awu, senimbulele u-Akhona”.
Uma lisho ilungu, yabhebhetheka kanjalo eyokuthi umntwana wakubo nowakwaNgema babulele umfundi, kwasuka umsindo ongapheli emphakathini.
Linanela ilungu lomndeni wakwaNgema, nalo elicele ukungadalulwa, lithe owakubo umntwana uyalulama kulandela ukuhlaselwa ngoLwesibili eqeda ukubhala.
“Wabizwa yizihlobo zikamufi ezintathu ngaphandle kwesango lesikole, zamhlasela. Uthi wagcina zimshaya ngento ethile ebusweni nasekhanda, emva kwalokho akabange esabona ukuthi kwenzekani,” kusho ilungu.
Lithi waphuthunyiswa emtholampilo, wona wamdlulisela esibhedlela.
“Siyile emaphoyiseni ukuyobika udaba, athi angasivulela icala kodwa aseluleka ngokuthi ake siyobika ebukhosini bendawo, kubonakale ukuthi bungasilungisa kanjani isimo,” kusho ilungu.
Isolezwe lithinta inkosi, uMnuz Sibongiseni Gcumisa, ikuqinisekisile ukuthi ukhona umhlangano ewubizile kusasa.
“Sike sasikhuza isimo phambilini. Kwathi ukuthula, sazitshela ukuthi sekudlulile kodwa manje siyaphinde siyathola ukuthi kuqale phansi. Ngibize abazali bezingane zemindeni ethintekayo ukuthi kuzoxoxiswana kusasa,” kusho uGcumisa.
Ngesikhathi Isolezwe libika ngalolu daba ngo-Agasti, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala wayethe amaphoyisa aseWartburg aphenya idokodo lokufa komuntu.