SESIPHINDE safika leso sikhathi sokuhlukanisa izitokofela. Sebeqalile abanye ukukhala ngomgcinimafa obaleke nemali, abanye babanjwa inkunzi bephuma ukuyokhipha imali yabo abayilondoloze unyaka wonke.
Kulo nyaka i-FNB ithathe ithuba lokucebisa abantu ukuthi bayikhiphe kanjani imali yabo, ukuze baphephe ezigebengwini.
UNkk Cebile Magongo, oyiGrowth Specialist e-FNB Cash Investments, ucele abantu ukuthi bawuyeke umkhumba wokukhipha isamba semali bese beyoyihlukanisa ndawana thize.
Uveze ukuthi kunezindlela eziphephile zokuhlukanisa imali, okufanele zisetshenziswe ngabezitokofela.
-Okokuqala, wukuthi amalungu esitokofela afundisane ukusebenzisa izindlela zesimanje zokufaka imali, okubalwa ukuba ne-akhawunti yasebhange lapho imali igcinwa khona.
-Okwesibili, wukuthi uma sekuphela unyaka imali ehlukaniswayo ifakwe kuma-akhawunti amalungu esitokofela, ukuze akwazi ukuze kungabikho ohamba ephethe izindodla zemali ngesikhwama.
-Okwesithathu, wukuthi amalungu esitokofela angamemezeli ukuthi ahlukanisa nini, angazishuthi uma eyohlukanisa imali yawo futhi angazifaki ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe akufanele ngisho atshele abangani nemindeni ngoba lesi yisikhathi esiphithizela kakhulu.
-Okwesine, abazokhipha imali ubacele ukuthi bangakhiphi isamba kodwa bayikhiphe kancane kancane.
Wathi kuhle ukuthi abafuna imali esandleni bayikhiphe emini, kusekhona onogada emabhange.
-Okokugcina, ugqugquzele abadlala izitokofela ukuba balondoloze enye imali abasuke beyibekile njalo ngonyaka, ukuze bafeze amanye amaphupho abo.
Uthe uyakuqonda ukuthi abantu abaningi abadlala izitokofela bafuna ukubona imali esandleni, kodwa lolu hlobo lokwenza izinto kaluphephile, ngakho wonke umuntu kufanele afunde ukusebenzisa izindlela zesimanje.
Ugqugquzele amalungu estokofela ukuthi abathanda ukuphatha ukheshi mabahambe beyiqoqo uma bekhipha izimali zabo, ukuze kungabi lula ukuthi babanjwe yizigebengu ezihobile.