UBUFAKAZI bamaselula bukhombe ukuthi babexhumana abamangalelwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Ufakazi wesine woMbuso, uColonel Lambertus Steyn ongungoti wobufakazi bamaselula, wenekele inkantolo yonke into ngoLwesihlanu.
USteyn uveze ukuthi uneminyaka engaphezu kwengu-40 embuthweni wamaphoyisa, wabala uhide lwezitifiketi zakhe zomsebenzi wokuphenya. Uthe usefakaze emacaleni amaningi elekelela ukugojela abamangalelwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014. Bahlanu abalisa ababhekene necala lokubulala uMeyiwa abaphambi kwenkantolo.
USteyn ubeqale ukufakaza ngoLwesine lapho eveze khona ukuxhumana ngamaselula phakathi kukaKelly Khumalo nommangalelwa wesihlanu uSifisokuhle Ntuli.
USteyn utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wesihlanu uNtuli, wayesebenzisa izinombolo zocingo ezahlukene eziyisithupha ayeshayela ngazo abantu.
“Ummangalelwa wesihlanu kuvela ukuthi waxhumana ngocingo nommangalelwa wesithathu Mthobisi Mncube, izingcingo zaziphuma zingena.
“Ummangalelwa wesihlanu wabuye waxhumana nowesibili uSandiso Ntanzi kanti nommangalelwa wokuqala uSibiya wake wathintana naye,’’ kusho uSteyn.
USteyn uphinde waveza ukuthi uNtuli, ummangalewa wesihlanu waphinda waxhumana noKelly. USteyn uthe kubukeka sengathi ummangalewa wesihlanu nowesithathu yibona obhongoza ababebhizi kakhulu kulolu daba lokufa kukaMeyiwa.
Ngesikhathi efakaza uSteyn, abamangalelwa, owesine uMnuz Mthokozisi maphisa nowesihlanu uNtuli, bebelokuhu bexoxa sakuhleba babuye behleke. UNtuli ubebuye anikine ikhanda samuntu ophikayo babuye babonakale sengathi badla amancoko.
Kubuye kwavela ukuthi kwashintshwa ikhadi leselula (sim swap) ocingweni lukaMeyiwa emuva kokuthi esebulewe. USteyn uthe iselula kaKelly eyathathwa ngobusuku besigameko yadonsa embhoshongweni ongasehostela lakhona eVosloorus.
USteyn uqhubekile waveza ukuthi ummangalelwa wesithathu uMncube waboshwa eCleveland maqondana necala lokutholakala nesibhau esingekho emthethweni.
Uthe ngesikhathi kubhekwa iselula yakhe kwatholakala izithombe zakhe enemiyeko futhi egqoke izimpahla okuthiwa zazigqokwe ngumuntu owangena endlini kubulawa uMeyiwa.
Icala lisheshe laguqa ngoLwesihlnu ngo-12 emini kanti livame ukuguqa sekuyosha u-4 wantambama. Kulindeleke ukuthi libuye ngoMsombuluko.