AYAKHALA amaqembu ezepolitiki ngokuphasiswa komthetho othinta ukuxhaswa kwamaqembu njengoba ethi uzohlomulisa i-ANC ne-DA kuphela ngasezimalini.
La maqembu aveze ukuthi lo mthetho iPolitical Party Funding Act, osayinwe nguMengameli uCyril Ramaphosa kuleli sonto, uhlose ukutakula i-ANC ebhekene nezinkinga zemali.
USotswebhu we-IFP uMnuz Narend Singh, uthe bahlanganyele namanye amaqembu ukuphikisa ukuphasiwa kwalo mthetho ngoba bazihambisa izethulo ngezinto ababekhala ngazo kuRamaphosa, kodwa wazishaya indiva.
Uthe bahlose ukuthi noma sekuhlala iPhalamende elisha lesikhombisa ngemuva kokhetho, bazoqhubeka bawuphikise.
“Singamaqembu angu-10 akhala ngendaba yalo mthetho ngoba uphasiswe sisalinde izimpendulo kuRamaphosa ngezethulo zethu. Uzohlomulisa kuphela amaqembu amakhulu okuyiwo azothola imali enkulu, amancane wona azothola imfalakahlana,” kusho uSingh.
Uveze ukuthi i-ANC izothola imali ezobe ithathwe kwamanye amaqembu amancane.
Kulo mthetho uRamaphosa unegunya lokubeka isikalo semali amaqembu anganikelelwa ngaso emva kokubonisana nePhalamende.
Okwamanje amaqembu kumele adalule abaxhasi bawo uma esenikelelwe ngoR100 000 kuya phezulu. Ngonyaka iqembu lezepolitiki linganikelelwa ngumuntu oyedwa ngesamba sika-R15 million kuya ngaphansi ngonyaka.
UMnuz Adrian Roos we-DA, uthe bayawuchitha lo mthetho ngoba i-ANC ihlose ukuzizuzisa yona ngawo.
Uthe noma bezothola imali ethe xaxa kunamanye amaqembu belandela i-ANC, kodwa bayawuchitha.
“Kumele amaqembu amancane abhekelelwe kangcono kungazuzi kuphela amaqembu amakhulu.
UMnuz Lawson Naidoo weCouncil for the Advancement of the South African Constitution, uthe kuyashaqisa ukuthi uRamaphosa usayine lo mthetho ekubeni kukhona izikhalazo ezikhona ezivela emaqenjini ahlukene.
Uthe akuzange kube nezigcawu zokuthi umphakathi uphawule ngesikhathi lo mthetho useMkhandlwini weziFundazwe ePhalamende.
Okunye okuqukethwe yilo mthetho ngukuthi ufaka isigxivizo sokuthi kugunyazwe abangenela ukhetho ngokuzimela ukuthi babe yingxenye yokhetho lwezifundazwe nolukazwelonke olungoMeyi 29, 2024.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini abangenela ukhetho ngokuzimela bebengenela olohulumeni basekhaya kuphela.m
Kulolu khetho bangu-11 abazongenela ukhetho ngokuzimela.