AMAPHOYISA amabili abhekene namacala amane okubulala okuvela ukuthi ayebangenela ezindlini labo ayesuke esehlele ukubabulala.
Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ngesikhathi kuvele amaphoyisa amabili abhekene namacala okubulala ngenhloso.
Lawa maphoyisa asePort Shepstone ngoConstable Thanduxolo Vincent Phelago noMayendriam Collin Chetty. Kuthiwa ngo-August 22, 2022 ahlasela umufi, uMqapheli Victor Cele, ngenhloso yokumbulala.
Lesi sigameko kuthiwa senzeka eGamalakhe, ePort Shepstone, kanti kuthiwa bangena ngodli endlini yakhe bangabuza lutho bamdubula.
"Bangena badubula bambulala ngaphandle kwesizathu,'' kusho umshushisi.
Ngosuku olulandelayo kuthiwa adlulela phambili eMahlongwa, eMkhomazi, emzini kaNhlonipho Cyril Nzimande, naye amdubula ambulala.
Kuthiwa abagcinanga ngokumbulala uNzimande kodwa bakhala bemuka nezinto zakhe.
Phakathi kwazo kubalwa iselula, ibhakede elalinemali emhlophe, utshwala iSminoff Vodka, yiwashi likanokusho nesamba semali eshisiwe okuthiwe angeke sidalulwe.
Ngalo lolo suku lawa maphoyisa kuthiwa adlulela eMagabheni, ngaseMgababa, ayobulala uPilayelo Sydney Buthelezi. Naye kuthiwa bamdubula bambulala.
NgoSepthemba 11, 2023 eMvutshini, eMargate, bahlasela babulala ikhansela le-ANC ku-ward 99, uMnqobi Molefe, okuthiwa bamfica ehleli nonkosikazi wakhe kwakhe.
Womabili agcine ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoNovemba ngonyaka owedlule. Asifaka isicelo sebheyili kodwa anqatshelwa.
Kuthiwa inkantolo yakhala ngokuthi izizathu zabo zokucela ibheyili kazinaso isisindo esanele sokuthi bangadedelwa babe ngaphandle.
UChetty waboshwa esemzini wakhe oseNew Heaven ngoNovemba 8. NoPhelago waboshwa esemzini wakhe oseWillow Glen.
Icala liyaqhubeka namhlanje.