KUSHAQEKE ukhomishana wamaphoyisa, wajuba uphenyo oluphuthumayo lokuthungatha abantu abambe ithuna maqede bashaya bachitha nesidumbu eSenakwe Section, eMokwakwaila eLimpopo.
Kuthiwa lithuke koma nasozwaneni ngeSonto ilungu lomndeni kamufi, uMnuz Modike Philemon Masedi ngesikhathi liye emalibeni, ngenhloso yokuyolungisela umcimbi wokumbulwa kwetshe lethuna, lifica isidumbu singekho.
Kubikwa ukuthi leli lungu lizithele phezu kwethuna elimbiwe, ibhokisi livulwe gengelezi kodwa isidimbu sikaMosedi singasabonwa, lase liyobikela umndeni namaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa eLimpopo, uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe uphenyo lwesikhashana lukhombisa ukuthi abantshontshe isidumbu bangene ngembobo emuva kokusika ucingo olubiyile emathuneni.
UMojapelo uthe kusolakala ukuthi bambe ithuna, baze bafinyelela ebhokisini base bentshontsha isidumbu.
“Kubikwa ukuthi umufi ushone ngoJanuwari 15 nonyaka wase engcwatshwa emuva kwezinsuku eziyikhombisa ngoJanuwari 22. Ayaziwa imbangela yalesi sehlakalo kuze kube manje,” kusho uMojapelo.
Uzwakalise ukushaqeka kwakhe ngesehlakalo uKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Phindile Hadebe obe esejuba amaphoyisa ukuthi athungathe abasowa aze abathole.
“Sicela amalungu omphakathi akuleya ndawo ukuthi ahloniphe uphenyo olwenziwa ngamaphoyisa futhi ahlukane nokuthi kube khona abasolwayo ngoba lokhu kuholela ekutheni kube nabantu abagcina sebezijezisela bona ngokwabo,” kusho uLt Gen Hadebe.
Amaphoyisa aphenya icala lokuphazanyiswa kwendawo yamathuna nelokweba. Acela noma ngaba wubani onolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa aludlulisele kumphenyi wecala, uWarrant Officer Nthai Modjadji enombolweni yocingo ethi: 060 996 0062 noma kwi-015 386 9940.
Abantu kuthiwa bangabika nasesiteshini samaphoyisa esiseduze, noma bashayele inombolo yokunqanda ubugebengu ethi: 08600 10111.