AMAPHOYISA ashaqe izidakamizwa ezingabiza isamba esilinganiselwa kuR12 million ngesikhathi egasele emzini wosolwa ngokushushumbisa izidakamizwa ePhoenix, eThekwini, ngoLwesine.
Kuboshwe ababili abasolwa ngokuba obhongoza bokushushumbiswa kwezidakamizwa kule ndawo ngesikhathi kutheleka amaphoyisa.
Laba basolwa babekwe amacala okudayisa nokuphatha izidakamizwa okubalwa kuzo i-heroin, mandrax, ecstacy, kanye necocaine esiteshini samaphoyisa ePhoenix. Omunye wabo ubhekene namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Kokushaqiwe kubalwa amaphilisi angu-2 198 e-heroin, awe-mandrax angu-1 065, izigaxa ezingu-250 ze-cocaine, amapayipi angu-440 ecocaine, amaphilisi angu-216 e-ecstasy (uqo), kanye nohhafu we-kilogram we-heroin eyimpuphu.
Kutholwe izibhamu ezimbili kanye nezinhlamvu ezingu-22. Kuwo lo muzi amaphoyisa athole uR59 000.
Amaphoyisa alinganisela inani lakho konke okuqoqiwe kuR12 million.
Lokhu kuphanga kwenziwe amaphoyisa eCrime Intelligence, amaphoyisa kaMasipala eThekwini, i-Intervention Unit kazwelonke, kanye neShongweni K9.
NgoLwesithathu, ikhansela le-Democratic Alliance uNkkz Sharon Hoosen liphakamise indaba yezikhalo ngezidakamizwa endaweni yasePhoenix kwisiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natal.
UHoosen uthe iDA ibambe umkhankaso wokulwa nobugebengu ngonyaka ka-2017, yadlulisa izikhalo zomphakathi esiteshini samaphoyisa sasePhoenix.
Banikeza amaphoyisa uhlu lwemininingwane yabadayisa izidakamizwa abangu-52 emphakathini.
"Eminyakeni emibili sihambise le mininingwane kumphathi wesiteshi asikatholi mbiko ngezidleke zezidakamizwa ezivaliwe kuze kube yimanje.
Nganikeza lolu hlu kuNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uMnuz Mxolisi Kaunda, ukuze asheshe avale lezi zidleke ngokushesha. IDA izoqhubeka isebenzele umphakathi futhi izobuyela khona uma seyithole impendulo," kusho uHoosen.