SEKUSHONE omunye wabaphenyi ecaleni elingundabuzekwayo lokweqa kukaThabo Bester ejele laseMangaung.
Amaphoyisa asekuqinsekisile ukushona komphenyi ophezulu ophikweni laseFree State. Kusolakala ukuthi uzibulele, emva kokubonakala emini ethamele isinqumo ecaleni ebelifakwe nguDkt Nandipha Magudumana obefuna ukuthi ukuboshwa kwakhe eTanzania, nonyaka, kuthathwe njengento engekho emthethweni.
UBester okuze kwavela ngoMashi, nonyaka, ukuthi uyaphila futhi ungaphandle, wayeqe ejele laseMangaung, ngoMeyi, nyakenye.
Ngesikhathi eqa ejele kwakuthiwa uzibulele ngokuzishisa ngaphakathi esitokisi ayevalelwe kuso.
Ngaleso sikhathi kwatholakala isidumbu okwakucatshangwa ukuthi ngesakhe, nokubuye kwavela ukuthi kwakungesikaMnuz Katlego Bereng.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba namuhla ntambama, uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ukuqinisekisile ukushona komunye wabaphenyi kuleli cala igama lakhe elingadalulwanga kuze kwaziswe wonke amalungu omndeni wakhe.
Uthe imbangela yokushona kukamufi athe uyinhloko yabaphenyi ophikweni oluphenya ubugebengu obuhleliwe eFree State, isazophenywa.
“Ochwepheshe bezempilo nabeluleki bengqondo abangaphakathi embuthweni wamaphoyisa sebejutshwe ukuthi bayonikezela ngosizo loweluleka ngengqondo emndenini kamufi nakozakwabo,” kusho uMasemola.
UMasemola echaza umufi okuthiwa ubesesebenze emaphoyiseni iminyaka engu-31 njengomuntu obezinikele emsebenzini wakhe, esebenza ngokuzikhandla futhi ethembekile.
“Kuyo yonke le minyaka ukhombise ukuba ngomunye wabaphenyi abanamava kakhulu, enesipiliyoni uma kuziwa ngakucubunguleni ubugebengu. Ukuhamba kwakhe kuzoshiya isikhala esikhulu esiphoyiseni nasophikweni lwabaphenyi,” kusho uMaasemola.
Uqhube wathi bengamaphoyisa badlulisa amazwi enduduzo emndenini emndenini kamufi, abangani nakozakwabo.