AMAPHOYISA asadidekile mayelana nezidumbu zabesifazane eziyisithupha ebese ziqala ukonakala ezitholwe ebhilidini okushiselwa izinsimbi kulo edolobheni eGoli, ngeSonto.
Amaphoyisa abizelwe kule ndawo ukuzophenya mayelana nephunga elibi ebeliqhamuka ebhilidini, afike bazithela ezidunjini zabesifazane ngaphakathi.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa aqale azithela esidunjini sowesifazane wokuqala ngaphathi.
Abe eselandela iphunga, eliwaholele ngaphandle, azithela kwezinye ezidumbu zabesifazane abane ngaphandle endaweni ehlala udoti.
Amaphoyisa kuthiwa abophe owesilisa oneminyaka ewu-21 kule ndawo, kusaphenywa ukuze kutholakale ukuthi abesifazane bangobani, nokuthi sebenesikhathi esingakanani bashona. Yize bekunamahebezi athi bebethengisa ngomzimba, amaphoyisa athe okwamanje ngeke akuqinisekisa lokho.
Umlisa okuthiwa omunye webesifazane wagcina ukubonwa enaye, utholwe kuyo le ndawo, uthathwe ngamaphoyisa ukuyophonswa ngemibuzo.
Izolo kugqame izinsolo zokuthi abesifazane bebedayisa ngomzimba kuyo le ndawo edolobheni Goli.
Kuthiwa kunabanye abesifazane abadukile okuthiwa badayisa ngomzimba khona endaweni.
“Asikwazi ukuba nesiqiniseko sokuthi laba abesifazane bebedayisa ngomzimba, kodwa lokho kuzobhekisiswa ngamaphoyisa ophenyweni,” susho uBrigadier Muridili.
Ucele ukuthi uma kukhona abangaba nolwazi olungasiza amaphoyisa njengoba uphenyo luqhubeka, beze ngaphambili ngokushesha.
Okwamanje akukacaci noma abesifazane babulawe khona kule ndawo noma balahlwe khona sebeshonile.