KUMANGALE abazalwane umholi wamaNazaretha, inkosi Mduduzi ‘uNyazilwezulu’ Shembe, ememezela ukuthi makungavunyelwa muntu okhonza eThembezinhle, ukuthi ajoyine abaseBuhleni. Uthi kuzobe kufana nokuthi bavulela amabululu azobalimaza.
UNyazilwezulu belushumayela ngeSabatha eledlule ngesikhathi luvala umhlangano waseJudiya eShowe. Libuye laxwayisa ngokuvumela abaseThembezinhle, ukuthi babe yingxenye yabo.
Isolezwe Ngempelasonto linayo intshumayelo yoNyazilwezulu eqoshiwe lapho beliveza khona lezi zindaba.
“Uma ngabe wawuthunywe abakini ukuthi uzokhonza uShembe, bona bakephi manje uma wena usuphumile. Laba abaphuma ngo-Ephreli 3 ngo-2011, ningabavumeli babuye. Ngeke ulande imamba noma ibululu noma imfezi ehlathini bese uzoyifuya. Izothi ingafudumala bese iyashaya. Omunye athi hhayi mina ngizocela intethelelo. kumele umbuze ukuthi uphumaphi. Uzothi omunye hhayi mina bengihleli ekhaya, kuzomele umtshele ukuthi hhayi phindela ekhaya ngoba uzosona. Umuntu uma eke waba yiphewula abupheli ubuphekula kuye. Ngakho ngiyanicela maNazaretha, noma nikhuluma nabo kodwa ningababuyisi. Bangangeni phakathi kwenu bazonona. Bafica uphelele umkhumbi uholwa ngubaba uThingolwesazana baphuma, ngoba bethi bahlakaniphile. Akuyi ngakuhlakanipha lapha, nguShembe ohlakaniphile. Ubani owake wabhekana noShembe waphasa? Ngiyacela nalamaphekula acashe lapha eBuhleni, aphenduke alazi uNyazi luyini. Ngithe nina nisebancane umhlaba wonke usazombatha ingubo emhlophe. Ongakafiki lapha uyeza," kusho uNyazilwezulu.
Ngesikhathi lukhipha lesi simemezelo kukhona abebebabaza okukhomba ukuthi bathukile futhi kungathi bebengasilindele ukuthi luzoyisho.
Inkosi uNyazilwezulu isho kanjena nje, bakhona abebehamba phambili ngasohlangothini lwaseThembezinhle, osekuke kwavela ukuthi sebengaphansi kwayo.
Okhulumela amaNazaretha noNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe uyizwile intshumayelo kodwa ibingachazi lokhu abantu abakucabangayo.
“Inkosi uNyazilwezulu iyathethelela futhi akekho engeke imthethelele uma efuna ukubuya azoba yingxenye yamaNazaretha aseBuhleni. Into ebishiwo ubaba uNyazi ukuthi noma sebebuya abantu bangangeni ngesibhobo kodwa abeze baqonde. Akumele bavele bazibuyele nje bese beqhubeka nokukhonza sengathi konke bekuvele kuhamba kahle. Kumele baqale enhlambulukweni ngokuthi bazocela uxolo kulona uNyazilwezulu, noma babikele isigungu sabefundisi esihola ibandla bahlambuluke kusona. Kumele basho nezizathu ezenza bahamba nokuthi kungani sebebuya manje,” kuchaza uMncwabe.