KUHLOMULE amaNazaretha ngezigubhu ezishaywa uma kugidwa ngesikhathi kunomkhuleko obekuhloswe ngawo ukunqanda izinkinga ezahlukene ezihlasele umphakathi.
Umkhuleko obusesizweni sakwaMdletshe, ubuholwa wuMasipala iHlabisa iBig 5 Hlabisa ngaphansi kweMeya, uMnuz Comfort Khumalo.
UKhumalo unoxhaxha lwemikhuleko aluhlele ukuthi lujikeleze ngaphansi kukamasipala awuholayo ngenhloso yokuthandazela ukuthula nezinkinga ezihlasele umphakathi.
Imeya ikhiphe umnikelo wezigubhu zokusina zamaNazaretha emapthempelini amane aku-Ward 8, nethe akugcinile ngawo njengoba namanye esazohlomula ngazo.
Umshumayeli Shayimbizo Ntshangase waseThempelini lamaNazaretha iMpilenhle, uthe bajabule kakhulu uma umkhandlu ubakhumbula bengamaNazaretha uma kunentuthuko yomphakathi.
Ngaphambi kokuba iMeya uKhumalo ithule inkulumo kulo mkhuleko, iqale yakhalisa isizwe saseMdletsheni ngokukhothama kwenkosi yakulesi sizwe, iNkosi uBonga Mdletshe esanda kutshalwa.
“INkosi uMdletshe ibineqhaza elikhulu esizweni nasemphakathi waseMdletsheni. Ngicela ukuthi uma sekukhulekwa, ungasali ngaphandle nomndeni weNkosi ngokugubuzelwa yifu elimnyama. Kuningi engifisa ukuthi uma sekukhulekwa kungasali ngaphandle. Okunye kwakho ukushelwa yimizi kwabantu njengoba kuvele kuqubuke umlilo ongaziwa ukuthi uqhamukaphi. Sicela ukuthi kukhulekelwe leli dimoni ngoba sikholwa ukuthi umkhuleko ongalinqanda,” kusho iMeya uKhumalo.
Unobhala wekomidi labafundisi, uMfu Vusumuzi Mbatha, uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi basebenzisana nomasipala ngaso sonke isikhathi ukuqhuba imikhuleko.
Umlilo okuthiwa uvele uqubuke esithubeni ushise imizi yabantu, ubuhlasele indawo yaseMdletsheni manje kuthiwa uhlasele kwaMnqobokazi kwaHlabisa.