YIZE umthetho wezwe ukuvumela ukushadana kwabantu abayizinhlanga ezehlukene kodwa ibandla lamaNazaretha lithi lisamile ekutheni lokhu akuvumelekile ngaphakathi kulona.
Lokhu bakugcizelele ngemuva kwesithombe esisabalala ezinkundleni zokuxhumana senhlalisuthi engumlungu nowesifazane womdabu wase-Afrika okhonza kuleli bandla, abagqamisa ukuthandana kwabo.
Zonke izinhlangothi ezinkulu zaleli bandla zikuqinisekisile ukuthi akuvumelekile ukushada olunye uhlanga, uma ungowomdabu wase-Afrika ebandleni labo. Lokhu bathi wumthetho owabekwa wumsunguli webandla inkosi Isaiah “Umqaliwendlela” Shembe, ewubekelwe nguJehova futhi akukaze kuguqukwe kuwona.
Bathi ezinye izinhlanga yize zingaba ngamaNazaretha kodwa kumele zishadane zodwa, kanjalo nabamnyama abangama-Afrika bathathane bodwa.
Baveza ukuthi akekho umfundisi oyiNazaretha ongavuma ukushadisa abantu abayizinhlanga ezahlukene ngenxa yomthetho webandla kodwa kabaxoshwa abasuke beshadane ngaphandle kwebandla.
Okhulumela umholi wamaNazaretha eBuhleni, inkosi Phinda “Ukukhanyakwelanga” Shembe, uMnuz Nkululeko Mthethwa uthe wumthetho ongakaze uguqulwe lowo.
“Ngisho umuntu ezobhajadiswa ukuba yiNazaretha uyatshelwa imithetho yebandla, ehlanganisa nakho ukuthi akaluthathi olunye uhlanga uma efuna ukushada noma ukushadelwa. Ngokomthetho owabekwa, wuMqaliwendlela wathi akakugqugquzeli ukuthathana kwabezinhlanga ezehlukene ngenxa yokuthi banamasiko angefani kanti ibandla ligqugquzela kakhulu emasikweni. Ukwenza isibonelo, kwakunowomdabu waseNdiya owaziwa ngoNozinkobe owayekhonza eKuphakameni, wanqatshelwa ukukhetha intombi yomAfrika ebandleni. Emuntwini oyiNazaretha elidala akekho ongayazi indaba kaNozinkobe. Namagama ezingane zakhe zaziqanjwe ngamagama esiZulu. Indaba yaqala lapho amadodakazi akhe esefuna ukukhethwa yinhlalisuthi yebandla engama-Afrika, anqatshelwa kwathiwa awahambe ayofuna abakubo,” kusho uMthethwa.
Uthe alikho icala uma umfundisi webandla lamaNazaretha eshadisa abohlanga oluthile abakhonza kumaNazaretha uma bethathana bodwa kodwa hhayi abezinhlanga ezehlukene.
Okhulumela uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe wumthetho omdala ongakaze uguqulwe lowo, naye wenze isibonelo sikaNozinkobe athe akekho ongamazi kumaNazaretha amadala futhi oze washona ekhonza khona.
“Uma abohlanga olungafani bethandana akekho umuntu obaxoshayo esontweni kodwa asikho isibusiso abangasithola ebandleni ngoba akuvumelekile ukuthathana kwabo. Lokho kungumthetho obekiwe nje noyinqubo yebandla. Mina nje ngiwumfundisi ngeke ngibashadise abohlanga oluhlukene ngoba awukakaguqulwa loyo mthetho futhi kungaba yicala elibomvu uma ngingenza kanjalo,” kusho uMncwabe.
UNobhala womkhandlu wamabandla, iKwaZulu-Natal Council of Churches, uMbhishobhi Nathi Zondi, uthe amaNazaretha kawekho ngaphansi kwesigungu samabandla abasiholayo.
Iyefana imibono kwabakhulumela amaNazaretha, bathi awukho umkhandlu abalawulwa ngaphansi kwawo, ngaphandle kokuthi balandela izimfundiso zoMqaliwendlela.
Okhulumela iKhomishini yamaLungelo Abantu KwaZulu-Natal, uNksz Pavershree Padayachee, uthe lokhu kungukucwaswa kwabantu. Uthe kumele kube nophenyo ngayo uma kungukuthi yinto eyenzekayo.
U-Advocate Lesala Mofokeng, ofundisa e-UKZN noyisazi ezindabeni ezithinta inkolo namasiko, uthe kungukucwaswa kwabantu lokhu okwenzekayo ebandleni lamaNazaretha kodwa kulukhuni ukuma ngokuthi akumele bakwenze ngoba uMthethosisekelo uqhakambisa ilungelo lokuthi wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela inkolo.
“Inkolo inelungelo lokuthi ikholelwe kwekholelwa kukona. Akuyona inkinga uma kungukuthi isinqumo esinjalo sithathwa wumuntu ngenxa yokuthanda inkolo yakhe kodwa kunzima uma kuyiyona ezophoqa abantu,” kusho u-Adv Mofokeng.