UNGQONGQOSHE wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo kuzwelonke uNathi Mthethwa, umemezele ukuthi amaciko ashayekile ngenxa yeCoronavirus azophinde athole elinye ithuba lokufaka isicelo soxhaso kuhulumeni.
UMthethwa ukusho lokhu esithangamini nabezindaba izolo lapho eveze khona ukuthi imali izoba nguR2 200.
“Sizobe sisebenzisa uhlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) lokuthi uhola phakathi kukaR95 kuya kuR100 ngosuku,” kusho uMthethwa.
Ngesikhathi uhulumeni ememezela ukuthi uzoxhasa amaciko ngokudlule imali yayimi kuR20 000.
Izicelo ezatholwa ezihlanganisa nezabezemidlalo zazingu-5 322, ezingu-4 602 zazo zaphakanyiswa ukuthi zikhokhelwe.
Uthe isiyonke imali ekhokhiwe nguR61 million.
Uthe uhlelo lwesibili lokukhokha luzoqala maduze futhi amaciko azonikezwa izinsuku ezingu-14 ukuthumela izicelo.
Uthe phambilini kwaba nesikhalo sokuthi isikhathi sokufaka izicelo saba sifishane.
“Zonke izicelo kumele zibe namagama angempela hhayi izidlaliso. Zonke futhi kumele zibe-online. Ihhovisi lomcwaningi mabhuku lithe kumele sigcizelele ukuthi bonke abafaka izicelo basemabhukwini amahle ngokwentela. Amaciko okumele afake izicelo ahlanganisa abadansi, izimbongi, abalingisi, abaculi, onjiniyela bemisindo, abadidiyeli, abadwebi, stage manager, abathwebuli, abenza imisebenzi yezandla nabanye.”
Uthe: “Abangavumelekile abangathembele kuphela emisebenzini yobuciko ukwenza imali, abanezinkontileka nabahlomulile ekuqaleni.”
Uthe abangenelayo kumele babe nezinto ezibachazayo ukuthi bangobani noma kube khona abantu okungaxhunywana nabo ukuba bachaze ngabo asebe sembonini yezobuciko iminyaka engaphezu kwengu-10.
Uqhube wathi babeke uR77 million futhi ngokwezibalo kuzosizakala amaciko nabezemidlalo abangu-11 666.