KAYISALANGA ngaphandle iNingizimu Afrika, ngesikhathi amaciko akuleli eqhakambisa ifulegi emkhosini wokugcotshwa kwenkosi yamaNgisi uCharles III (74). Inkosi yamaNgisi igcotshwe emcimbini obuseWestminster Abbey, eLondon. Phakathi kwamaciko abemenyiwe ukuba ayonandisa kubalwa uRebbeca Malope, uThina Zungu, noPretty Yende nabanye.
Inkosi uCharles ithatha isihlalo emuva kokukhothama kukanina iNdlovukazi u-Elizabeth II, ngoSepthemba wonyaka odlule, edunguzela. Inkosi uCharles yethula inkulumo ithe izibona kufanele kube yiyona esebenzela abantu hhayi ukuthi ikhonzwe. Umkhosi wenziwe ngokulandela izindlela zamaNgisi zakudala futhi ubuthanyelwe yizinkumbi zabantu.
Uthweswe umqhele, wagcotshwa amafutha njengokosiko lwakhona, okuwuphawu lokuthi usenegene esihlalweni ngokusemthethweni. Umkhosi wokugcoba inkosi wagcina ngo-1953, kungena unina wenkosi esesihlaweni manje.
Ngokusho kukahulumeni wakuleli, izwe belimelwe nguNgqongqoshe wezoBudlelwano namaZwe oMhlaba, uNkk Naledi Pandor. UMengameli Cyril Ramaphosa wayemenyiwe kodwa wasichitha isimemo ngenxa yokuthi unohambo lombuso oluya eBurundi. URamaphosa uke wahlangana nenkosi ngonyaka odlule beyoxoxa ngobudlelwano bamazwe abo.
Umcimbi ubuthanyelwe yizicukuthwane zamazwe omhlaba ebezifuna ukuzibonela ingqophamlando kanti namaNgisi abethe chithi saka.