AWAGAYELWE mphako amaphoyisa KwaZulu-Natal kulezi zinsuku, uma ebhekene nabasolwa ngezenzo zobugebengu nokuhlalisa lubhojozi umphakathi, njengoba eseqothe inqwaba esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezimbili.
Esigamekweni sakamuva, esenzeke eCato Crest eMayville, ngoLwesibili ebusuku, amaphoyisa edubule abahlanu okuthiwa bebefunwa uthuli ngamacala okubamba inkunzi amabhizinisi omphakathi namathathu okubulala.
Isigameko siholele ekutheni babe ngu-32 abasolwa ababulewe ngamaphoyisa ezinyangeni ezimbili (Juni noJulayi), okuvele ukuthi bonke baqale badubule kuqala babhekise kuwo, bese ephendula ngendlela efanayo. Kuzona zonke izigameko ezenzekile, alikho iphoyisa elibulaliwe okuyinto eshayelwa ihlombe umkhuzi wawo esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
ULt Gen Mkhwanazi usenconywe ngabaningi ngokuqothwa kwezigebengu okuthiwa zihlasela amaphoyisa uma ezama ukuzibopha.
Nakuba kunjalo, isishoshovu esilwela amalungelo abantu, uNksz Mary de Haas, uthe ukuqothwa kwabasolwa ngobugebengu ngale ndlela akunabo ubulungiswa futhi kuveza amaphoyisa njengabantu abazithathela umthetho ngezandla.
“Kumele sikhathazeke kakhulu ngalokhu kudutshulwa kwabasolwa okwenzeka izikhathi zilandelana. Kunezigameko okuqondakalayo ukuthi kungani amaphoyisa edubule abasolwa. Kuyaqondakala uma edubula abebebamba imoto yemali, lapho ke akungabazeki ukuthi basuke behlome beyizingovolo, ingekho enye indlela amaphoyisa angabhekana nabo ngayo,” usho kanje
Uthe sekukaningi kunemibiko eveza ukuthi amaphoyisa adubula abasolwa ngoba impilo yawo isuke isengozini kodwa isikhathi esiningi kusuke kungasilona iqiniso. Uthe kwesinye isikhathi kuyaye kube nobufakazi bophenyo obuvezayo ukuthi umuntu osuke ebulewe usuke engesiyona ingozi emaphoyiseni.
Uveze ukuthi akukhona konke okushiwo ngamaphoyisa ngalezi zigameko okuyiqiniso njengoba kwesinye isikhathi engakwenza ukugqiba inkohlakalo yawo. Uphinde wakuveza ukuthi isikhathi esiningi ababulawa ngamaphoyisa basuke bebandakanyeka ekudayiseni izidakamizwa futhi amanye awo enesandla, ngakho ukudutshulwa kwabo kusuke nje kuwukususa ubufakazi obuthile.
UDe Haas uthe okunye uma amaphoyisa edubula abantu abaningi kangaka, kukhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle kwezobunhloli emaphoyiseni ikakhulu ukubhekana nokusabalala kwezibhamu esifundazweni. Ukhale ngokungakhokhelwa ngendlela nokubulawa kwezimpimpi zamaphoyisa akholwa ukuthi - kwesinye isikhathi - ulwazi lusuke luputshuzwe yiwo uqobo.
Yize uNksz de Haas ebalule ukuthi amaphoyisa nawo kumele abhekisiswe ekwenzeni kwawo kodwa zikhona izigameko lapho amaphoyisa ehlaselwa khona. Ezigamekweni zakamuva esenzeke ngoJuni 6 nonyaka, lapho iphoyisa eliwu-captain elisebenzela esiteshini esikwaMashu elisinde ngokulambisa emvuleni yezinhlamvu lizithela kwabebebamba imoto ethwala imali emgwaqweni u-N2, ekuseni libheke emsebenzini.
Kwesinye isigameko esenzeke ngesonto eledlule ePhoenix, iphoyisa lidutshulwe lalimala ngesikhathi iqeqebana labasolwa ebelihlomile libamba inkunzi isitolo esidayia ubucwebe kule ndawo.
Okhulumela uphiko oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa, i-Independent Police Investigating Directorate (IPID), uMnuz Phaladi Shuping, uthe kukhona lapho uphiko lwabo luthole ukuthi amaphoyisa asebenzise umthetho ukudubula izigebengu kanti kukhona nalapho okuvela ukuthi awephulile.
“Lapho ephula khona umthetho, kubhalwa umbiko oyayela ukuthi athathelwe izinyathelo, bese amadokodo edluliselwa ophikweni lwezokushushisa uma kubonakala ukuthi kubekhona izenzo zobugebengu,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda ekhuluma ezikweni labezindaba i-Newzroom Afrika, ebuzwa mayelana nokudubula kwamaphoyisa, uthe awavele avuke ekuseni eyodubula abantu kodwa asuke eqondene ngqo nabasolwa emva kokuthola umkhondo ngabo.
“Siyabalandela abasolwa ngenhloso yokubabopha. Ngokuthola ukuthi bakephi kulandela uphenyo, esikhundleni sokuthi bathobele umthetho bazama inhlanhla ngokudubula amaphoyisa. Uma bedubula, amaphoyisa kumele azivikele, kungenjalo yiwona angazithola esefile,” usho kanje.
Uthe abasolwa abadutshulwe eCato Crest batholwe nesibhamu esikhulu, nezintathu ezincane nezidakamizwa.
Ezinye izigameko amaphoyisa aqothe kuzo abasolwa okuthiwa abedubula ebhekise kuwo;
NgoJulayi 26, adubule abasolwa ababili eNanda, okukholakala ukuthi abeqembu lezigebengu i-West elihlalise lubhojozi umphakathi
Ngosuku olufanayo, abasolwa abathathu badutshulwe KwaDlangezwa, babefunwa ngamacala okubamba inkunzi nokubulala
NgoJulayi 25, kudutshulwe indoda esolwa ngokuqhumisa umshini wemali eSikhaleni
NgoJulayi, 25, adubule abasolwa abathathu eNanda, abebefunwa ngawokubulala okukhona kuwo olokubulala iphoyisa nokubamba inkunzi
NgoJulayi, 21, adubule umsolwa owayeyisosha eMgungundlovu, eMbali, obefunwa ngamacala ahlukene kubalwa nelokubulala iphoyisa
NgoJulayi, 17, adubule abasolwa abane e-Overport abebesolwa ngobunkabi
NgoJulayi,14 adubule umsolwa ona-26, eNanda, eLusaka, obefunwa ngamacala amathathu okubulala
NgoJulayi 7, kudutshulwe ababili eChartsworth ngokuntshontshwa kwamakhebula esakhiweni sikahulumeni.
NgoJuni 5, munye umsolwa odutshulwe eMbumbulu, obefunwa ngamacala okuduna izimoto nokubamba inkunzi
NgoJuni 10, adubule abasolwa abane eHarding, okuthiwa bebezama ukubamba inkunzi usomabhizinisi obephuma ebhange
NgoJuni 4, adubule ababili ePhoenix abasolwa ngokubamba inkunzi izimoto ezithwala imali
ngoJuni 3, kudutshulwe umsolwa oyedwa obefunwa ngamacala okubulala ababili abasekomitini elilwa nobugebengu eNanda.