AMAPHOYISA aphenya icala lokushona kowesilisa okusolakala ukuthi ushelelile wase ephonseka eweni endaweni okuthiwa yisoGunjini, eNdwedwe.
Ngokusho kwamaphoyisa, kusolakala ukuthi ngeSonto ntambama, umufi ubekade enabangani bakhe phezulu onqenqemeni lewa kanti uzokhubeka awe.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokuphenyo alwenzayo mayelana nalesi sigameko futhi ayikaziwa imbangela eholele ekwenzekeni kwesehlo.
Kubikwa ukuthi isidumbu sikamufi, elingatholakalanga igama neminyaka yakhe, siphonseke ehlathini eliqhele cishe ngamamitha angu-100 uma usuka phezu kwewa.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe isidumbu sikamufi sitholakale sigaxele ezihlahleni ehlathini elimnyama. UBalram uthe isidumbu silandwe khona ebusuku ngabesilisa bakhona endaweni.
“Bawele naso umfuleni besiphethe bayosibeka ngaphesheya lapho esibe sesibhekwa khona ngabezimo eziphuthumayo beRusa, baqinisekisa ukuthi lo wesilisa useshonile,” kusho uBalram.
UBalram uqhubeke nokuchaza wathi: “Le ndoda iwele ehlathini ebangeni cishe elingu-100 wamamitha uma usuka phezu kwentaba.”
Kuthiwa abeRusa bafike endaweni yesehlakalo batshelwa ngabaholi bakule ndawo ukuthi umufi ubekade engumuntu ofakela abantu ugesi emphakathini.
UBalram uveze ukuthi akuqondakali noma umufi ushone ngesikhathi esebenza emzini thizeni ophezu kwaleli liwa. Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga.