ONGOTI bezomthetho bathi akubukeki kuwuhambela kahle uMbuso ecaleni lowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uma kubhekwa ubufakazi osebethuliwe.
OMnuz Mpumelelo Zikalala noMelusi Xulu bephawula ngaleli cala emuva kokuthi uMbuso uveze ukuthi sekuzolalelwa ubufakazi obuzoholela ekutheni inkantolo inqume ngokwamukela obunye ubufakazi, abameli babamangalelwa ababuphikisayo, bathe akubukeki kuwuhambela kahle uMbuso kuleli cala.
Izolo, enkantolo kuqhubeke ukulalelwa kobufakazi bukaCaptain Mmampshedi Masetla, ongungcweti wezolibofuzo, kanti ubufakazi bakhe bebungabayamanisi abamangalelwa nemiphumela yolibofuzo yezinto ezazisendlini okwathathwa amasampula azo. Ijaji uRatha Mokgoatlheng lize laphawula ngokuthi besingekho isidingo sokubizwa kwakhe enkantolo ngoba akukho akushilo okuyamanisa abamangalelwa necala. Lithe uMbuso ubungaletha isitatimende sakhe.
UZikalala uthe: “Ubufakazi besigqoko bukubeka ngokusobala ukuthi bonke abamangalelwa akukho okubahlanganisa naso kanjalo nezinsalela zeminwe zabo azitholakali endaweni yesigameko.”
Uthe lokhu kushiya imibuzo ukuthi isigqoko kanti kwakungesikabani, lokhu okushayisana nobufakazi babantu ababesendlini ngesikhathi sesigameko bona abathi kwakungesomunye wabamangalelwa. Ephawula ngokulalelwa kobufakazi obuzokwethulelwa inkantolo uma seliqhubeka, uthe ucabanga ukuthi abasolwa bazobe bephikisa ukuthi babhala izitatimende zokuvuma icala ngokuzikhethela.
“Abameli bazothi abamangalelwa bashaywa ukuze bavume icala kanti kuzobizwa amaphoyisa athintekayo. Angiboni uMbuso uphumelela ngoba lokhu kuvunywa kwecala, akwenzekanga ngendlela esemthethweni.”
UXulu naye uveze ukthi abanye ofakazi ababizwa ecaleni abanasidingo, ebalula uCaptain Masetla. Uthe ofakazi okuyibona abajahwe kakhulu ilaba abangakabizwa kwababesendlini bese kuba umakhelwane, uNksz Maggie Phiri.
Nathe bazolekelela ukuchaza ukuthi kanti isigqoko esikhiphe bonke abasolwa abaphambi kwenkantolo kanti esikabani.
Ebuzwa ngokuziphatha kwejaji uMakgoatlheng uthe liqale kahle, likhombisa isivinini esiphezulu uma eqhathaniswa nelangaphambilini.
Wathi kodwa kamumva usethanda ukungaqondakali ngendlela aziphatha ngayo.
“Kodwa sibuye sibone sengathi unokubacindezela abameli. Akabaniki ithuba. Kugcina kubukeka sengathi uvikela ofakazi,” kusho uXulu.
Izolo, enkantolo kubuye kwafakaza imenenja yakwaNdabazabantu eSibanye Gold, uMnuz Hendrick Mulder, lapho kwakusebenza khona ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi. Uveze ukuthi wagcina emsebenzini ngo-Okthoba 25, 2014, emsebenzini kanti wayethathe ikhefu lezinsuku ezinhlanu ethi uyolungisa izinto eziqondene naye. Wabuyela emsebenzini ngoNovemba 2, 2014.
Icala liyaqhubeka.