KUBALULEKILE ukuthi isiboshwa esisematheni, uThabo Bester, kuqinisekiswe ukuthi siphephile ukuze sikhiphe yonke imininingwane ngabasisize ukuthi siphume ejele.
Lokhu kushiwo yisazi sezobugebengu uSolwazi Kholofelo Rakubu, obekhuluma nesiteshi sezindaba sethelevishini esikhokhelwayo, izolo.
“Kudingeka avikelwe (uBester) ngoba le nsumansumane ibandakanya inqwaba yabantu, ngakho uma engafa, sizolahlekelwa wulwazi oluningi lokuthi uphume kanjani ejele. Sifuna abuye kuleli ephephile ukuze achaze ukuthi ngubani owamvulela amasango, nini,” kusho uRakubu.
Uphinde wathi uBester akeqanga ejele kodwa wasizwa ngabathile ukuthi aphume ahambe ngokukhululeka.
“UThabo waziphumela ejele, akeqanga ngoba kunabantu ababekiwe ukuthi baqinisekise ukuthi amasango ejele avaliwe. Mangaki amasango awadlula ngaphambi kokuthi aphume? Uhlephuleni ukuze sithi weqile, yingakho ngithi waziphumela, akeqanga,” kusho uSolwazi Rakubu.
Uphinde wathi kusengenzeka ukuthi uBester wahamba ejele ngaphambi kukaMeyi 2022, lo okuthiwa weqa ngawo.
“UThabo kungenzeka ukuthi kade aphuma, wukuthi nje sebedinga ukubeka udaba olubambekayo mayelana nokweqa kwakhe. Yingakho neG4S yehluleka wukusitshela ukuthi kahle hle kwenzekani,” kusho uRakubu.
Usho kanjena nje, izolo uyise kaDkt Nandipha Magudumana, uMnuz Zolile Sekeleni (65), nowayesebenzela iG4S ejele laseMangaung, uMnuz Senohe Matsoara, babekwe icala lokubulala, elokushisa, elokukhwabanisa nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Laba bebevele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein izolo kulandela ukuboshwa kwabo ngempelasonto.
Bathinteka ecaleni lokweqa kukaBester ejele.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA), uMnuz Phaladi Shuping, echaza ngecala lokubulala elibekwe abasolwa, uthe limayelana nesidumbu esatholakala ngaphakathi egunjini lasejele elalihlala uBester.
“Njengamanje ubufakazi obukhona bukhomba laba bobabili kodwa maningi amathuba okuthi kube khona nabanye okusazovela ukuthi bayathinteka, ngakho kusengenzeka sibone kuba khona abanye ababoshwayo,” kusho uShuping.
Uthe icala lihlehliselwe u-Ephreli 17 ukuze kuqoqwe olunye ulwazi olungadingeka uma kwenzeka abasolwa befuna ukufaka isicelo sebheyili.
Uqhube wathi uSekeleni uzogcinwa esikhungweni esikhona eBloemfontein kodwa uMatsoara uzogcinwa ngaphandle kweBloemfontein ngoba usebenze khona isikhathi eside.
Kuvele emasontweni edlule ukuthi uBester waphuma kuleli jele laseMangaung emva kokutholakala kwesidumbu esasishisiwe savalelwa egunjini ayegcinwe kulo. Ngaleso sikhathi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo waveza ukuthi isidumbu esatholakala egunjini elalivalele uBester ngesakhe, kwathiwa uzibulele.
Umnyango ubuye washaya ungqimphothwe emasontweni edlule, emva kokuvela kwezinsolo zokuthi uBester uyabonakala epepenyeka noDkt Magudumana eGauteng, kwasabalala nezithombe ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kuholele ekutheni kuphuthunyiswe imiphumela yolibofuzo lwesidumbu esatholakala ejele, neqinisekise ukuthi akusona esikaBester isidumbu kodwa esomuntu ongakaziwa. Kubuye kwavela nokuthi umufi wafa ngokushaywa ekhanda, akabulawanga wukusha njengoba bekucatshangwa.
UBester wavalelwa kuleli jele ngo-2012 emva kokulahlwa ngamacala okudlwengula nokubulala.
Khonamanjalo, iyaqhubeka imizamo yokumbuyisa kuleli noDkt Magudumana nomunye wesithathu okuthiwa udabuka eMozambique, besuka eTanzania lapho ababanjwe sebebhace khona.
Lokhu kulandela ukuthi laba bobabili, nalona wesithathu, bebanjwe kuleliya lizwe ngasekupheleni kwesonto eledlule. Kube sekujutshwa ithimba lezobulungiswa ukuthi liyoxoxisana nohulumeni wakuleliya lizwe ukuthi laba babuyiswe kuleli ukuzobhekana namacala abazobekwa wona.