UZIGWAZE ngowakhe eshweleza unogada ogwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoMsombuluko, ngamacala okubulala izaguga ngosuku lwabesifazane.
Inkantolo igwebe uThokozani Patrick Mhlongo (60) udilikajele ngecala ngalinye kwamabili okubulala uNkk Zanele Doris Mbuso (63), noNkk Monica Sophie Xulu (81) baseMgababa. Babulawa ngosuku lokugubha uSuku lwabesiFazane ngo-Agasti 9, kulo nyaka kanti izidumbu zabo ezatholakala zigqitshwe ethuneni elingashoni ngemva kwezinsuku kubikwe ngokunyamalala kwabo.
Uphinde wanikezwa eminye iminyaka emithathu ngecala lokweba ngoba kuvele ukuthi wathatha amaselula abagilwa.
Ngaphambi kokuthi inkantolo ikhiphe isigwebo, uMhlongo unikezwe ithuba lokugibela ebhokisini lofakazi azishwelezele ngoba amacala uwavumile ngesonto eledlule.
"Ngiyaxolisa emndenini. Angazi ngempela ukuthi kwenzekani, ngahletshelwanguSathane. Engithanda ukusho ukuthi inkantolo ingibonelele ngoba angizange ngibaleke emva kokwenza amacala futhi ngawavuma, angiyibambezelanga inkantolo," usho kanje.
UNkk Xulu, owayemqashe njengonogada enkulisa yakhe iThembeni ekhona eMgababa, uthe wayewumsamariya olungileyo kuyena. Uthi wamnikeza indawo yokuhlala ngoba engenayo indawo, wamnikeza nomsebenzi kanti wayemtshele nokuthi uzomsikela endaweni yakhe ambeke ukuze azakhele.
Eholwa ngumshushisi wenkantolo u-Advocate Mbongeni Mthembu ngemibuzo, ekutheni wababulala kanjani abagilwa, uthe emva kokuhilizisana ngamazwi, wabashiya wayolanda okuyizindukwana okuneketanga, washaya uNkk Xulu ekhanda wakhala kanye wawa ngaphambi kokujaha uNkk Mbuso owayeseyophuma ngomnyango wabuya naye, wambophela esihlalweni, naye wamklinya ngezinduku.
IJaji uNompumelelo Radebe, ngaphambi kokukhipha isigwebo, lithe ukushweleza kukaMhlongo kunokuthi kwenze inkantolo imzwele yikhona okwenze yangagudluka esigwebeni esibekiwe.
"Ukusebenzisa kwakho izinduku ukhona ummese, kuwubufakazi bokuthi wawufuna bangophi. Uveze ukuthi uNkk Xulu wamshaya ngenduku ekhanda wakhala kanye wathula kodwa ubufakazi bukadokotela buveza ukuthi imbangela yokushona kwakhe kwaba wukuklinywa.
“Ngesikhathi uxolisa emndenini kodwa ugxeka uSathane ukuthi uyena owakuhlebela ukuthi ubulale laba bagilwa. Ngesikhathi uthatha amaselula abagilwa, ewubhopopo wayilahla eceleni kwendlela ngoba uthi babefona njalo, kwathi le engconywana wazigcinela yona okukhombisayo ukuthi awuzisoli ngesenzo sakho,” kusho ijaji.
Lithe kukhona okuthile akufihlayo okungaba yimbangela yokumbulala kwakhe angakutsheli inkantolo.
Lithe ukubulala uNkk Mbuso kwangungesikhona ukuthi yingoba akhuluma ngaye, wathi untshontsha ukudla kwasenkulisa ngoba esho esitatimendeni sakhe kodwa yingoba wabulala uNkk Xulu phambi kwakhe, wayenqena ukuthi uzofakaza ngakubonile.
UMenzi umzukulu kaNkk Xulu, uthe bayasithokozela sigwebo, anikwe sona.
“Siyasijabulisa kakhulu. Siyaqhubeka nenkulisa kagogo sinomfowethu ukumhlonipha ngoba kwakuyinto eyayisenhliziyweni yakhe kakhulu,” usho kanje uMenzi.