NJENGOBA kungathu kusalindwe umnyama ongenafu ngesimemezelo seKhabhinethi entsha kaMengameli Cyril Ramaphosa, omkhulumelayo uMnuz Vincent Magwenya uveze ukuthi alikho iqembu lezepolitiki elizoshintsha imigomo ekhona ezweni.
UMagwenya uthe amaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano, awakhohlwe uma ecabanga ukuthi abekhankasa ngakho kuzoba yingxenye yemigomo kahulumeni ozobunjwa.
Uthe izwe libuswa ngokwentando yeningi, ngakho ongqongqoshe abazokhethwa abavela kwamanye amaqembu bazoqhubeka balandele imigomo ekhona kahulumeni.
“Ongqongqoshe abasha ngeke bafake imigomo yamaqembu abo kuhulumeni. Imigomo ezolandelwa ekahulumeni ehambisana noMthethosisekelo wezwe,” kusho uMagwenya ekhuluma nesiteshi sethelevishini iNewzroom Afrika.
Usho lokhu nje, ziyaqhubeka izingxoxo phakathi kukaRamaphosa namanye amaqembu mayelana nokubunjwa kwalo hulumeni njengoba lingekho iqembu elawina ngamalengiso okhethweni.
UMagwenya uthe uRamaphosa ekugcineni nguyena ozoba nezwi lokugcina ngalabo azobakhetha kwiKhabhinethi.
“Umengameli uhlangana nawo wonke amaqembu, kungaba elikhulu noma elincane. Uzolalela zonke iziphakamiso, bese enza isinqumo. Ngeke akwazi ukufeza zonke iziphakamiso ezizovela. Kukhona abangeke baname ngezinqumo azozithatha ngeKhabhinethi ngoba ekugcineni nguyena onamandla okunquma ukuthi obani azobakhetha,” kusho uMagwenya.
Uveze ukuthi alikho iqembu elinamandla noma okuyilona elingungqo-shishilizi kuhulumeni wobumbano.
Usho lokhu nje, kulandela ukuvela kwencwadi ye-DA eveze uhlu lwezikhundla ezifunayo kuhulumeni wobumbano.
Kulezi zikhundla kubalwa nesephini likamengameli wezwe, noma iminyango ethathwa njengebalulekile.
UMagwenya uthe amaqembu ahlukene abekhankasa ayazi ukuthi ezinye zezinto ngeke zibe semigomemi kahulumeni.
URamaphosa usanda kukhuza amaqembu ngokufuna izikhundla kuhulumeni wobumbano.
UMagwenya uthe abantu balindile bafuna imisebenzi, kukhuliswe umnotho kanjalo nezinye izimfuno.
“Okubalulekile ngukuthi kumele kusetshenzelwe abantu, hhayi okunye. Abantu bafuna uhulumeni ozobasenzela ngokushesha.”
Uveze ukuthi nakuba iKhabhinethi ingekho, uhulumeni uyaqhubeka nokusebenza.
“Uyaluthola usizo eminyangweni kahulumeni nakuba iKhabhinethi ingekho. Umengameli nguyena owengamele izintambo kuhulumeni kuze kuqokwe iKhabhinethi entsha. Ngemuva kokuqokwa kweKhabhinethi kuzoba nomhlangano weLekgotla, lapho kuzohlahlwa khona indlela kalo hulumeni.”
I-ANC iveze ukuthi ihlangane nobuholi boMdabu ngoMsombuluko, bavuma ukusebenzisana nohulumeni wobumbano.