SIMPHIWE NDWANDWE
SEKUNXUSWE ukuba abaholi namakhansela bakubeke emahlombe abo ukuphepha kwabantu emiphakathini ngokuthi bacindeze abafuyi bezinja namakati ukuthi bagome lezi zilwane ngaphambi kokuthi zize zidale umonakalo wokuluma abantu bese beguliswa yisifo samarabi.
Leli khwelo lihlatshwe nguhulumeni wesifundazwe emva kokuqubuka kabusha kwezigameko zamarabi eTshelimnyama lapho kushone khona ibhungu okunezinsolo zokuthi lithathwe yilesi sifo.
Ngesikhathi izikhulu zoMnyango wezoLimo nezeMvelo esifundazweni, osingethe uhlelo lokugonywa kwezinja namakati, zihambele umndeni kaSiyabonga Majola (21) oshonile, zinxuse ukuthi amakhansela ayisukumele le ndaba ngoba ziyaqhubeka izigameko zokufa kwabantu yize imikhankaso yokugoma isabalele esifundazweni sase-KZN.
UNgqongqoshe walo Mnyango eKZN, uDkt Meshack Radebe, uthe impi yokulwa nalesi sifo idinga wonke umuntu ngoba okusemqoka wukuthi imindeni enezilwane zasekhaya ezithintekayo izihambise zigonywe ngoba uma ingenzi njalo ibeka impilo yabantu engcupheni.
Lokhu kugcizelelwe nangudokotela obhekele izifo zezilwane kulo mnyango, uNkk Joey Peens, othe kuleya ndawo sebegome izinja namakathi ezingu-1 350.
Uthe kuyabamangaza ukuthi kukhona izinja ezisenalesi sifo. Lokhu uthe kudalwa wukuthi kunabantu abangazihluphi ngokuya lapho kugonywa khona izilwane uma kunemikhankaso.
“Uthe kuleya ndawo muva nje kunabanikazi bezinja abasanda kuhambisa izinja zabo kwa-Society for the Prevention of Cruelty to Animals okwathi uma zihlolwa kwatholakala ukuthi zinezinkomba zokuba namarabi. Siyakholwa ukuthi abantu balapha kufanele basukume ngoba kuyabonakala ukuthi akhona amarabi kule ndawo,” kusho uNksz Peens.
USiyabonga sekungumuntu wesine ukubulawa ngamarabi obikiwe eKZN ngo-2012.
Ngakolunye uhlangothi uRadebe uthe bahlela ukuba bakhulume nabazi umthetho kangcono ukuze kubonakale ukuthi ngeke yini kushaywe umthetho ePhalamende ozokwenza kube yicala elizobhekana nomnikazi wenja uma ilume umuntu inamarabi. Kuvele ukuthi izigameko eziningi zamarabi azibikwa kodwa kuze kuzwakale kamuva umuntu asashona sekuchazwa indlela ashone ngayo ukuthi kungenzeka wabulawa ngamarabi.
Uthe ukube kuya ngabo bekuzofanele uma eshonile umuntu olunywe yinja umnikazi wayo abhekane nacala lokubulala.
Udokotela wezilwane oqashwe ngumnyango ngqo, uMnuz Themba Sikhakhane, uthe bonke abomndeni kamufi abake bathintana nomufi noma namathe akhe bazofakwa ohlelweni lokwelashelwa lesi sifo masinyane njengoba singena kalula ngamathe nangegazi.
Umngcwabo uzoba ngoMgqibelo kuleya ndawo. Izindleko zawo zizothwalwa nguhulumeni. Imali ebekwe eceleni ukubhekana nalesi sifo ingu-R15 million kanti esisetshenzisiwe emikhankasweni ngu-R1 million.