ASHIYE angalazi amaqembu aphikisayo ebhekise kuhulumeni wezwe emuva kwemibiko ethi isicelo sokubuyisa umndeni wakwaGupta kuleli, sichithiwe. Umsindo usuke ngesikhathi uNgqongqoshe wezoBulungiswa uMnuz Ronald Lamola, ememezela ukuthi isicelo sichithiwe kodwa bazama ukudlulisa isinqumo sezinkantolo zase-United Arab Emirates (UAE).
INingizimu Afrika yafaka isicelo sokuthi izelamani zakwaGutpa, u-Atul noRajes, zibuyiswe zizobhekana namacala enkohlakalo kuleli. Izelamani zisolwa ngokuba ngobhongoza bezenzo zenkohlakalo ezinkampanini zombuso wezwe. AbakwaGupta bangabangani bowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, okusolwa ukuthi basebenzisa lokho ukuzitapela emalini yezwe.
Ikhomishini ebiphenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ibakhombe ngenjumbane abakwaGupta, ngezenzo zenkohlakalo kuleli. Muva nje, kunemibiko yabezindaba ethi abakwaGupta babonakale bezipholele eSwitzerland, ekubeni befunwa uthuli kuleli.
I-DA ithe okuxakayo wukuthi udaba lokubuyiswa kwabakwaGupta lwalalelwa enkantolo ngoFebhuwari 13, kwaphuma isinqumo kodwa bekuthulekile sonke lesi sikhathi. Ibuza ukuthi yini ebiyenziwa sonke lesi sikhathi udaba lungabikelwa izwe?
I-DA ithe izobhalela usihlalo wekomiti lezebulungiswa ePhalamende, icele ukuba nomhlangano naye ukuze aphendule ngalolu daba.
Abe-ActionSA bathe kuyihlazo elikhulu okwenzekile futhi kuyizinkomba zokwehla kwesithunzi sezwe emazweni omhlaba. Ithe akukwazi ukuthi abantu abasolwa ngenkohlakalo kaR250 billion bayekwe kanjalo nje becanasa, ekubeni umnotho wezwe usale uguqile ngenxa yabo.
I-ActionSA ikhale ngabantu abangamanxusa akuleli e-United Arab Emirates, ibasola ngokwehluleka wukwenza umsebenzi wabo. Ithe laba bantu bakhokhelwa izindodla zemali ukuthi bamele izwe kwamanye amazwe kodwa bona bayehluleka.