KUFE umshayeli wetekisi ngesikhathi ehlelwa yingozi eSiphingo, eningizimu yeTheku, ngoMsombuluko ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola itekisi lilele ngokhakhayi, umshayeli ephakathi.
“Kuhlolwe isimo salo wesilisa kwatholakala ukuthi useshonile. Kusobala ukuthi leli tekisi lishaye ungqimphothwe lama ngokhakhayi,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abe-Emer-G-Med.
Kuthiwa lo mshayeli ubehamba yedwa emotweni.