UMISE ummeli wakhe ekhala ngokuthi umba eqolo owesilisa ongumsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kwabantu abangu-15.
UMnuz Thalente Mkhize (33) utokile eWestville nomngani wakhe okuthiwa babeqotha naye abantu, uMnuz Sibonelo "Madanone" Shangase (33).
NgoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini uMkhize uveze ukuthi useyamkhulula ummeli wakhe, u-Advocate Nkatha abemkhokhela ngoba akasenayo imali yokumkhokhela.
Inkantolo igunyaze ukuthi atholelwe ummeli wamahhala.
Laba ababili basolwa ngokubulala abantu ezindaweni ezehlukene ngezikhathi ezehlukene eminyakeni eyedlule.
Phakathi kwezigameko abasolwa ngokuba ongqondongqondo kuzona kubalwa nesokubulawa kwabantu abayisithupha esenzeka eMawoti, eNanda ngo-2002.
Kuleso sigameko kwadutshulwa kwabulawa oMnuz Wandile Fanaphi (17), Qaphelani Mkhovu (20), Mlondi Getane (22), Mlondi Kunene (25), Phillip Hansa (25) noLindo Sphambo (22).
UFanaphi noMkhovu kuvele ukuthi babefunda u-matric ngesikhathi bedutshulwa.
Lezi zinkabi ziphinde zisolwe nangokuthi yizona ezabulala usomabhizinisi wase-Overport, uMnuz Zeyn Moideeb, owadutshulwa emgwaqweni, uBrickfield ngo-2022.
Basolwa nangokuthi baphinde badubula babulala umakhelwane walo somabhizinisi, uShaheed Moodel.
Ngo-2021 kuthiwa bathumba, uMnuz Phakamani Cwele bamsusa eNanda bayombulalela KwaDabeka.
Basolwa nangokuthi yibona ababulala uMnuz Nhlanhla Goge, eNanda, ngo-Agasti 7, 2021.
Kuthiwa yibona futhi ababa ngongqondongqondo ekubulaweni kukaMnuz Njabulo Bongani Shongwe noMnuz Zolani Goodman Mbuthuma okuthiwa kwenzeka eNanda, ngoSepthemba 2, 2021.
Kuvela nokuthi kunesinye isigameko lapho babamba khona inkunzi kuhlonyiwe eThekwini bantshontsha imali engu-R144 000.
Bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-2022 ngesikhathi bebanjwa ngamaphoyisa bedlula eMarriannhill Toll Plaza.
Kuvela ukuthi bazama nokubulala owesilisa wakwaSibisi ohlala eNtuzuma.
Icala lihlehliselwe u-Agast 29 ukuze uMkhize athole omunye ummeli.