AMAQEMBU aphikisayo asola uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ngokuwisa lezi zinkampani.
Asho lokhu emuva kokusula kukaSihlalo weBhodi lase-Eskom, uMnuz Mpho Makwana, othe uzogcina emsebenzini uma kuphela inyanga.
Inkosi Mzamo Buthelezi ekhulumela i-IFP kwezomnotho namabhizinisi kahulumeni, ePhalamende, ithe uGordhan uyigolide le-ANC, noma angenzani ngeke imjezise.
Usole uGordhan ngokuwisa izinkampani zikahulumeni, esho nokuthi ngaphansi kwakhe kayikho inkampani kahulumeni eqhuba kahle.
“Ukusula kukaMakwana kuzobhebhethekisa izinkinga ze-Eskom. Alukho uzinzo kule nkampani. Ngisho owayeyisikhulu sayo, u-Andre de Ryter waveza ukuthi iwumkhoma oxetshulwa yi-ANC,” kusho uButhelezi.
Uthe abantu kufanele basebenzise ivoti labo ngonyaka ozayo ukukhipha emandleni i-ANC nongqongqoshe bayo abakhohlakele.
Uveze ukuthi izinkinga ze-Eskom ziwisa umnotho, ziqeda amathuba omsebenzi, kubole nokudla emafrijini uma kuphele ugesi, bese bethwala kanzima abantu njengoba ukudla kuvele kubiza.
UMnuz Ghaleb Cachalia we-DA, uthe kufanele axoshwe uGordhan ngoba zonke izinkampani zikahulumeni ziyawa selokhu kwaphatha yena.
Ubalule ukuthi asikho isikhulu esiphezulu eTransnet, Eskom, naseDenel sekube nezikhulu eziphezulu ezintathu kusukela ngo-2020, eSouth African Airways sekube nezikhulu eziphezulu ezine kusukela ngo-2019, kuwe iSouth African Express, i-Alexkor inesikhulu esisabambile kusukela ngo-2022.
“UGordhan wazi ukukhomba amaphutha abanye, akafuni ukwamukela amaphuth akhe. Kufanele ahambe ngoba uwisa izinkampani zikahulumeni okufanele ukuthi zidale amathuba omsebenzi, zithuthukise nomnotho,” kusho uCachalia.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uGordhan ufisele uMakwana okuhle kodwa, wathi ziyaqhubeka izinhlelo zokuletha uzinzo e-Eskom nezokuyihlukanisa izigaba ezintathu.