AMAPHOYISA afika kuqala endaweni yesigameko lapho okwadutshulwa khona owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, wafa, ahluleka wukwenza umsebenzi wawo.
Lokhu kubekwe obala izolo ngu-Advocate Zandile Mshololo, ongummeli kammangalelwa wesihlanu ecaleni, uMnuz Sfisokuhle Ntuli, epheka ngemibuzo ufakazi wakamumva, uSergeant Mlungisi Mthethwa.
Ngaphambi kokuba ahlonywe ngemibuzo ngabameli, uMthethwa uveze ukuthi kubantu bomthetho, wuyena namanye amaphoyisa amathathu abafika kuqala endaweni yesigameko.
Uthe wafika kukhona uMnuz Themba Khumalo, owabatshela ukuthi unguninalume kaKelly Khumalo.
Uthe wabatshela ukuthi akazi lutho oluningi, ngaphandle kokuthi udadewabo, uNksz Ntombi Khumalo umbizele endaweni yesigameko, wamtshela ukuthi kudutshulwe umuntu abasamphuthumise esibhedlela, yena akasale agade.
UMthethwa uveze ukuthi babe sebemcela uKhumalo ukuthi abavulele kancane endlini babuke, ngaphambi kokuthi baye esibhedlela.
Uthe nangempela uKhumalo wabavulela, kwangena yena nelinye iphoyisa, amabili ayeyizitshudeni, asala emnyango.
Uveze ukuthi akuqaphela yinduku edondolozela umuntu uma elimele nesigqoko okwakuphansi ekhishini, akuqaphela ngaphambi kokuba baphume endlini base beyalela uKhumalo ukuthi akhiye ngesikhathi bona besaya esibhedlela.
Eveza ugcobho ezenzweni zikaMthethwa nozakwabo, uMshololo uthe uMthethwa washiya uKhumalo, ongesilo iphoyisa nendawo yesigameko esikhundleni sokuyigada.
“Ngoba usangitshela kanjalo, kulungile, ngiyakuzwa,” kusho uMthethwa.
UMshololo uqhubeke wathi: “Okusho ukuthi indawo yesigameko nayishiya ingagadwe muntu?”
UMthethwa uthe: “KwakunguKhumalo esamshiya.”
UMshololo uqhube wathi: “Ngikubuza le mibuzo ngoba njengephoyisa, ngokuphoqwa wumthetho kufanele uqinisekise ukuthi indawo yesigameko kayiphazanyiswa.”
UMthethwa uphendule ngelithi uyezwa.
UMshololo uthe uMthethwa nozakwabo kwakufanele bayifake into ekhombisa ukuthi yindawo yesigameko ngaphambi kokuthi bahambe baye esibhedlela.
UMthethwa uthe lokho akuzange kufike ukuthi bakwenze njengoba babekholwa wukuthi kufanele baqale bathole ulwazi olugcwele ngokuthi kwenzekeni ngaphambi kokuqonda ukuthi iyiphi indawo yesigameko.
UMshololo ulihlikizile leli phuzu likaMthethwa, ethi njengoba ucingo olwangena esiteshini sabo oMthethwa lwakucacisa ukuthi kukhona ukudubula okwakwenzeka, banikwa nekheli, lokho kwakufanele kubanike isithombe esiphelele sokuthi ikheli abanikwe lona yiyo kanye indawo yesigameko futhi uma befka khona kufanele bayiphathe ngendlela efanele.
Uze wenza isibonelo sokuthi kwakufanele ngesikhathi befica uKhumalo endaweni yesigameko, bakhiye, bahambe nokhiye ngoba kwagcina kuvela ukuthi unguninalume womunye wabantu abangabasolwa edokodweni lesibili kuleli cala.
IJaji Ratha Mokgoatlheng liwuchithile lo mbono kaMshololo, lathi ngaleso sikhathi akekho owayazi ukuthi ababengaphakathi endlini bangabasolwa, ngoba lelo dokodo akhuluma ngalo uMshololo lavulwa ngo-2019, okwase kuphele iminyaka emihlanu kwenzeka isigameko.
UMokgoatlheng uthe ngokubuka kwakhe ababesendlini bamshiya nendawo yesigameko uKhumalo ngoba babemthemba, hhayi ngoba benenhloso yokuthi alekelele ngokuphazamisa indawo yesigameko.
Edlulela phambili uMshololo udwebe isithombe sokuthi akulona iqiniso ukuthi uKhumalo wuyena yedwa owafika endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi kufike oMthethwa.
UMshololo ufunde izitatimende zofakazi ababili, okuthiwe basazoza phambi kwenkantolo, okunguNksz Gugu Ngobeni, nonina, uNkk Happy Ngobeni.
Ezitatimendeni zabo ezifakazela into ethi ayifane, baveza ukuthi uNkk Ngobeni waphakamisa ukuthi kushayelwe ucingo amaphoyisa kodwa omunye umakhelwane, uNksz Maggie Phiri wabuza ukuthi athintelweni amaphoyisa ngoba uSenzo ulimele kuphela akafanga.
UMshololo efunda lezi zitatimende uveze ukuthi uNkk Ngobeni waphendula uNksz Phiri ukuthi yize engafile uSenzo kodwa kubalulekile ukuthi amaphoyisa ashayelwe ngoba udutshuliwe.
Kulezi zitatimende kubuye kuvele ukuthi uNkk Ngobeni wathi uma engena ngaphakathi endlini nabanye, okukhona kubo yena uNksz Phiri, waqaphela ukuthi kukhona amanzi achitheke phansi.
Kuthiwa wabuza ukuthi afunani phansi amanzi endaweni okuthiwa kudutshulwe kuyo umuntu, uNksz Phiri waphendula ngelithi akuwona amanzi kodwa wutshwala obukade buphuzwa ngababephakathi endlini.
Uqhuba athi labo fakazi baveza ukuthi yena, uNksz Phiri wabuye waqoqa amakani otshwala ayephansi, okwathi uma embuza uNkk Ngobeni ukuthi uwaqoqelani, uNksz Phiri waphendula ngelithi, wenzela ukuthi uma sekufika amaphoyisa, angaboni ukuthi kade kuphuzwa.
“Iphuzu engizama ukuliveza la ngelokuthi nina nafika emva kokuthikanyezwa kwendawo yesigameko.”
“Ngiyezwa,” kusho uMthethwa.
UMshololo uthe: “Engikucacisayo wukuthi ngesikhathi nivala indawo yesigameko, yase ivele ithikanyeziwe.”
UMthethwa uphendule ngokuthi uyezwa.
Icala liyaqhubeka namuhla.