KUHLWE emini emaphoyiseni amabili ngesikhathi imantshi iwagweba kanzima ngecala lokweba insada yamakhebuli esigamekweni esenzeka ngoJuni 2021, eMlaza.
UZwelihle Mngadi (46) noLuvuyo Mbixane (44) ababengo-sergeant esiteshini samaphoyisa saseMlaza, bagwetshwe iminyaka engu-15 umuntu emunye.
Bagwetshelwe icala lokutholakala nempahla eyebiwe okuyikhebuli ubude bayo obungu-200 metres engabiza ngaphezulu kukaR267 000.
Bagwetshwe noMusawenkosi Mgaga (32) ogixabezwe ngeminyaka engu-10 ebhadla ejele.
UMgaga wayengumshayeli wezimoto ezidonsa ezinye owayebuye abambe itoho lokushayela imoto ethutha abasebenzi baseTransnet.
NgoJuni 18, 2021, ngesikhathi somvalelandlini phakathi kwamabili ebusuku, kuthiwa laba abathathu bahamba bayokweba amakhebula akwaTelkom ababewadonsa phansi ngemoto eyayikade ishayelwa nguMgaga.
Kuvela ukuthi ngesikhati sesigameko, uMngadi noMbixane babesemsebenzini, behamba ngeveni yamaphoyisa ebhaliwe futhi bewudlubhe uphelele umfaniswano wamaphoyisa.
Enkantolo, uMshushisi uJohan Sibiya watshela inkantolo ukuthi kwakunethimba lamaphoyisa laseMkhomazi elaliya kwa-W eMlaza, ngokomsebenzi elagxoba le khebuli eyayidonswa yeqa izimpambano zomgwaqo uMangosuthu noDwala.
Kuthiwa lawa maphoyisa kwathi uma egxoba le nto eyayihambisa okwenyoka ayidlula ase eyojika phambili erobhothini abuya ukuzobheka kahle ukuthi yini?
Ngaleso sikhathi kuthiwa wadla phansi uMbixane benoMngadi, amaphoyisa ase ehlala izithonto kuMgaga efuna ukumbona ukuthi uzophelelaphi nekhebuli ayeyidonsa ngemoto.
Lapho amaphoyisa amfica khona uMgaga aphinde afica enye ikhebuli eyayingu-100 mitres ilingana nale ayekade eyidonsa.
Kuvela ukuthi uMbixane noMngadi ngesikhathi sebebuya beyobheka lapho ababethukuse khona ikhebuli, bazithela kula maphoyisa ayekade esebambe uMgaga.
Zabakhalela kanjalo bobathathu kwaze kwaba bagqigqa inkantolo, kwafika isikhathi sokuthi liyabalahla icala njengoba beze bagwetshwa izolo.
IMantshi uM Reddy ngesikhathi ibagweba ithe uMngadi noMbixane basebenzisa izikhundla zabo ngenhloso yokuqhuba ubugebengu futhi benza isiqiniseko sokuthi babenza phakathi nobusuku ngoba bengafuni ukuphazamiseka.
Iphinde yaveza ukuthi laba bobathathu abasakulungele ukuthi baphinde babonakale bephethe izibhamu.
Womabili la madoda ayengamaphoyisa, kuvele ukuthi izinyawo zagcwala udaka emsebenzini ngo-Okthoba 2022, ngemuva kophenyo olunzulu lwangaphakathi embuthweni wamaphoyisa.
Kuvele nokuthi uMngadi oneziqu zobuntatheli kanti useke walahlwa yicala lokweba esitolo ngo-1998.
UMbixane onabantwana abahlanu, kuthiwa unengoduso engunjiniyela kuMasipala weTheku.
Imantshi ithe buyanda lobu bugebengu ngakho lesi sigwebo sizothumela umyalezo emphakathini.
Ithe imzwelile uMgaga ngoba usemncane kunalaba abebengamaphoyisa abasebenzisa ubudala nezikhundla zabo ukumenzisa ubugebengu.