UKHULEKELA ukuthi ibuyele ekhaya iphila indodana yakhe owesifazane waseGedleza eJozini.
ULunathi Ayabonga Myeni (2) unyamalale ngoJuni 6 ekubo kayise eMaphaya, khona eJozini.
Ngokusho kukanina, uNksz Kwandile Khumalo (22), uLunathi unyamalale ethi ulandela ugogo wakhe obeyokha amanzi komunye umuzi endaweni.
Echaza ibanga lawo, uNksz Khumalo uthe, kumuntu omdala awukude lo muzi obekuye kuwo ugogo kaLunathi, wathi kodwa enganeni encane njengaye, engakakwazi nakahle ukuhamba, kukude.
Uthe ugogo wabashiya nomkhulu wabo osekhulile, ongasakwazi ukuhamba kahle, kodwa uyabona kahle emehlweni.
Uthe uyacabanga ukuthi umkhulu akanakanga ukuthi oLunathi babuye bamlandela ugogo wabo kwazise abazona izingane ezithanda ukuphumela ngaphandle komuzi.
“Egcekeni bekukhona nezinye izingane ezintathu, ezicishe zilingane naye uLunathi. Le eneminyaka emithathu ithe yakwazi ukumlandela ugogo wayo, le eyami nayo yazama ukumlandela ugogo kodwa kwangabonakala ukuthi igcine iphelelaphi yona,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe kubonakale ngabo-9 ekuseni ugogo esebuya ukuyokha amanzi ukuthi uLunathi akekho.
Ngaleso sikhathi ugogo wakhe uqale wayomcinga komakhelwane ecabanga ukuthi uye khona, kodwa lutho ukumthola. Uthe uyise wayo uthe uma ebuya etohweni sebemazisile, wajoyina naye wacinga.
Uthe amaphoyisa nawo abikelwe ngalo usuku lwesigameko, afika nezinja ezifuna umkhondo ngephunga kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.
Uveze ukuthi naye uthole umbiko ngezikhathi zantambama ngalo usuku lwesigameko.
Ubalule ukuthi isigameko sibashaqisile abaningi ngoba indawo yabo ayidumile ngobugebengu.
Uthe basola ukuthi wathathwa umuntu wahamba naye ngemoto.
Uthe simthikamezile isigameko njengoba eshiye phakathi izivivinyo zakhe zakwa-Grade 11 esikoleni esiseMpumalanga.
“Ngifuna kubuye umntanami, abuye ekhaya ephila. Uyena kuphela umntwana enginaye. Kunzima njengoba engakatholakali nje. Ngiyazibuza ukuthi udlani lapho ekhona, ilokho okungiphatha kabi. Nokuthi uhleli nabantu angabazi. Akakakwazi nokukhuluma kahle, sihlukumezekile kakhulu,” kubalisa uNksz Khumalo.
Uveze ukuthi nabakwayise wengane baphatheke kabi ikakhulukazi njengoba ingane ilahleke ihleli nabo. Uthe yaqala ukuhlala nabo ngonyaka odlule ngesikhathi ebuyela esikoleni.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakatholakali ukuze aphawule.