UKHUNGATHEKILE olahlekelwe unina nomngane wakhe asebenza naye enkulisa okuthiwa sekuphele isonto bengaziwa ukuthi bakuziphi izinkalo.
UNkk Ntombenhle Dlamini waseMgababa, ngaseMkhomazi, oyindodakazi kaNksz Zanele Doris Mbuso (62) owanyamalala ngesonto elidlule, emva kokuphuma ezitolo nozakwabo uNksz Monica Xulu (70), uthe laba ababili abasebenza enkulisa babeyothenga izimpanhla ababezozisebenzisa emhlanganweni.
“NgoLwesithathu, umama wahamba nomama wakwamakhelwane beyothenga izinto ababezozisebenzisa ngakusasa emhlanganweni emsebenzini. Unogada wasenkulisa uthi babuya ezitolo bashiya izimpahla baphuma bagibela imoto emhlophe,” kusho uNkk Dlamini.
Uthe umndeni wakhe nomzukulu kamakhelwane osemncane futhi ongasakhumbuli ukuthi wayegqokeni ngalelo langa sebefune onina babo yonke indawo, baze babeka ngisho izithombe zabo khona ezitolo lapho ababeye kuzo.
“Sesibafune yonke indawo. Umama wayefake ingubo eluhlaza ngalelo langa. Icala lokulahleka kwabo salivula emaphoyiseni aseMkhomazi ngosuku olulandelayo futhi sasebenzisana nenhlangano ebheka abalahlekile i-Renegade Search and Rescue,” kusho uNkk Dlamini.
Uveze ukuthi amaphoyisa amthola umnikazi wemoto ukuthi ungumshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.
“Umseshi wecala usitshele ukuthi emva kocwangingo lwamakhamera asesitolo, babona umama nozakwabo bengena emotweni emhlophe baphinde bakhuluma nomshayeli kodwa akadalulanga ukuthi utheni. Umama akanayo i-App yemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile ocingweni lakhe futhi nomakhelwane wayengaluphethe ucingo ngalelo langa. Ngididekile ukuthi bangena kanjani kuwo,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMkhomazi aphenya icala lokulahleka kwabesifazane ababili.
“Amaphoyisa anxenxa noba ngubani onolwazi ngokulahleka kwalaba ababili ukuthi axhumane nawo ku- 082 334 9766 or Crime Stop 08600 10111,” kusho uNetshiunda.