Aphelele endaweni yesigameko amadoda amabili adutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu emijondolo yaseBuffelsdraai, eVerulam, ngempelasonto.
Amadoda, angatholakalanga amagama neminyaka yawo, abulawe sekusele imizuzwana kube phakathi kwamabili ngoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVerulam avule amacala amabili okubulala emuva kwalesi sigameko.
“Amaphoyisa abikelwe ngokudubula endaweni yaseBuffelsdraai, anikela khona afica izidumbu ezimbili zabesilisa ebezikade zinamanxeba amaningi,” kuchaza uNetshiunda.
Uqhube wathi okwamanje abaziwa ababulali nembangela yokubulawa kwawo kodwa uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwekhansela lendawo, uMnuz Nkosiyezwe Mhlongo, kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokuba kushicilelwe udaba. Inombolo yocingo lwekhansela ibingangeni.
Kubukeka seziphenduka izinsakavukela izehlakalo ezibikwayo zobugebengu okukhona kubo obokubulawa kwabantu emiphakathini eyakhele iVerulam.
Abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) bathi bathole izingcingo ngabebekade behlaba umkhosi emuva kokuhlaselwa kwamadoda.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram uthe bafike endaweni yesehlakalo batshelwa yizakhamuzi ukuthi bezwe ukuqhuma kwesibhamu amahlandla amaningi.
“Abahlali basitshele ukuthi baphumele phandle ngenhloso yokuthola ukuthi kwenzakalani nokuyilapho bezithele phezu kwezidumbu ezimbili zamadoda okuthiwa abehlala khona endaweni abulawele kuyona,” kusho uBalram.
Uqhube wathi endaweni yesehlakalo kutholakale amagobolonde ezinhlamvu zesibhamu amathathu abekade esesebenzile.