BAZOGASELA emzini weMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda abenhlangano uMsinsi Wokuzimilela, beqhubeka nalapho babegcine khona.
Ngokusho kwamalungu enhlangano bahlela ukuqhubeka nomkhankaso wabo wokungena umuzi, nomuzi ngenhloso yokuxoxa nezikhulu zikahulumeni ukuze zibachazele ngomsebenzi wazo.
Phambilini batheleka kungazelele muntu emzini kaNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, bathi babezoxoxa naye ngoba nabo osopolitiki bayayingena imizi yabantu uma bekhankasa. AboMsinsi banqandwa ngabaqaphi bakandunankulu, bavulelwa icala. Kumanje udaba lokugasela kwabo emzini kandunankulu lusezandleni zamaphoyisa adlulisele idokodo kwabezokushushisa ukuthi bathathe isinqumo.
I-ANC esifundazweni yavuka indlobane ikhala ngokuthi akufanele kugaselwe emzini kandunankulu noma ngabe zikhona izikhalo.
Baphinde bahambela umuzi kaMnuz Philani Mavundla, oke waba yiphini lemeya kuMasipala weTheku, bethi bayomcela ukuba achaze ngalokhu akwenzile esesikhundleni. UMavundla bamfica engekho kodwa emuva kwalokho wahlela umhlangano naboMsinsi, baxoxa.
Uhambo lwawo olulandelayo lubheke emzini weMeya uKaunda, lapho abathi bayokhala ngabakubiza ngokubola kumasipala awuholayo. Isitatimende noma singavezi usuku kodwa siyagcizelela ukuthi bayeza kuKaunda.
Umsinsi phakathi kwezinto oziphakamisayo wukuthi uhlakazwe umkhandlu weTheku, bese kususwa uKaunda esikhundleni. Kuso isitatimende bakhomoza abantu abakhele iTheku, uthi balusukumele lolu daba babeyingxenye.
Okhulumela ihhovisi likaKaunda, uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe sebenalo ulwazi ngodaba wathi bazokhipha isitatimende lapho bephendula ngalo.