I-Killer cop: the Rosemary Ndlovu story, ibhalwe nguNaledi Shange, yashicilelwa yiMelinda Ferguson Books
KWENEKWE obala ukukhohlakala kwephoyisa lesifazane elabulala abomndeni ngoba lifuna imali yomshwalense. Encwadini ethi Killer cop: the Rosemary Ndlovu story, abomndeni bayagonyuluka ngemikhuba yephoyisa.
UNaledi ongumhleli wezindaba kwiTimesLIVE, waxoxa nofakazi ayebabona ngesikhathi kuqulwa icala likaRosemary, yikho kwaba lula ukuthi alobe incwadi.
Phakathi kwezigameko ezithinta uRosemary, ukushona komyeni wakhe ngendlela engaqondakali; ukushona kwendodana yabo okwenza ukuthi imali yomswalense inikezwe uRosemary; ukubulawa kwesoka lakhe nengane yabo, ukushona kwabazala bakhe ababili, ukubanjwa oqotsheni enikeza izigebengu imiyalelo yokubulala udadewabo uJoyce nezingane zakhe ezinhlanu.
Ekhasini 127, "Baklinye, noma ubashise. Kungasali muntu ephila," imiyalelo kaRosemary, ayeyinikeza izinkabi ezimbili ukuthi zibulale umndeni kadadewabo, uJoyce Ndlovu. Ekugcineni, izinkabi zaphenduka izimpimpi, zabikela amaphoyisa ngezinhlelo zikaRosemary.
Bamchupha, wakhipha konke emotweni engazi ukuthi kunamakhamera aqopha akushoyo. Wabanjwa kanjalo ugalakajana.
Kuyona yonke imigiligwane eyenziwa yiphoyisa, unina uMaria Sophie Ndlovu, usakholwa wukuthi indodakazi yakhe emsulwa.