ABESEKA uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini embangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu, baxwayisa iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ngobungozi obungadalwa ukuthi sizibambele mathupha ekulawulweni kweNgonyama Trust.
Abeseka uMntwana uSimakade bathe ukuqhubeka kweSilo nokuba usihlalo webhodi leNgonyama Trust kungasehlisa isithunzi futhi kungasidonsela amanzi ngomsele uma kufanele kuthathelwe izinyathelo abephethe iNgonyama Trust.
Lokhu bakusho esithangamini nabezindaba lapho bebephawula khona ngokuxoshwa kwabebesebenza eduze neSilo kanye nokuqokwa kukaNdunankulu kaZulu omusha, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
ISilo saveza ukuthi sizoba uSihlalo weNgonyama Trust emva kokuxosha esamjuba njengoSihlalo, Inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela, sasusa ebhodini nelungu Inkosi uMabhudu Tembe.
Okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uThokozani Zulu, uthe isinqumo seSilo sokuzibambela sinobungozi.
“Lokhu kusho ukuthi usezehlisile yena, akaseyena umlomo ongathethi manga. Uma kukhulunywa ePhalamende, kusho ukuthi amalungu ePhalamende anelungelo lokumtshela uma ephuma endleleni. Sekufanele kube uye oziholayo uma Ingonyama Trust iyochaza ngokusetshenziswa kwemali. Uyochaza kuze kushe amathe. Kuyodingeka achaze ngisho nangezinto ezenzeke engakabi uSihlalo weNgonyama Trust. Uma kunesinqumo sokuthi kufanele kuboshwe izikhulu zeNgonyama Trust, naye uyoboshwa.”
UMzimela noTembe baxoshwe kanye nobekhulumela iSilo, uMntwana u-Africa wasoNkweni.
UMntwana uThokozani uthe bayawelana nalabo abaxoshiwe, wathi ukuxoshwa kwabo kufanele kuvule amehlo abaseduze kweSilo.
“Siyabakhalela labo abakhonjwe indlela, ikakhulukazi Inkosi uTembe, okwayo kubuhlungu kakhulu ngoba ixoshwe ingakalitholi ithuba lokuba usihlalo. Ijikiswe endleleni. Lokhu kuyisifundo sokuthi akekho ophephile uma usondele eduze kwakhe (iSilo). Baningi ababekade bemeseka kepha bagcina bexoshiwe.”
UMntwana uThokozani uthe abahambisani nokuqokwa kukandunankulu kaZulu omusha.
UMntwana uThokozani uthe bekungafanele kuqokwe undunankulu kaZulu omusha ekubeni undunankulu kaZulu omdala Inkosi Mangosuthu Buthelezi engakenzelwa yonke imicimbi yasekhaya, nomoya wakhe ungakalandwa esigodlweni.
Uthe isimemezelo sokuqokwa kukandunankulu kufanele simenyezelwe esibayeni esikhulu esigodlweni eNyokeni, wathi kufanele senziwe emva koMkhosi woSelwa oba ngasekupheleni konyaka.
“Le nto ikhombisa ukuthi laba bantu okuthiwa baphethe abayazi into abayenzayo. Kufana nengane ephathiswe ibhokisi likamentshisi.”