LINGASE libuyiselwe ohlwini icala elichithiwe ebelethweswe owayeyisikhulu se-Eskom, uMnuz Matshela Koko nabanye. UKoko ubeboshelwe izinsolo zenkohlakalo yasesiteshini sikagesi iKusile, eMpumalanga. Ufake isicelo sokuthi icala lichithwe, sase siyaphumelela udaba lwakhishwa ohlwini.
UKoko uboshwe nabanye abangu-18 okukhona kubona nendodakazi yakhe angayizali, okuthiwa nayo yahlomula.
UKoko esicelweni sakhe wayekhale ngokuthi abezokushushisa bambophele into engekho ngoba uma evele enkantolo akucaci ukuthi kwenziwani, icala liyahlehla. Ibalelwa kuR2.2 billion imali evelayo okuthiwa yaphathwa ngendlela enenkohlakalo.
USindiswa Seboka, okhulumela i-Investigative Directorate ngaphansi kwe-NPA, uthe basezinhlelweni zokuthi udaba lubuyele enkantolo. Uthe izinto ezikhonjwe yinkantolo ziyezwakala futhi zizolungiswa bese luyabuya udaba.
“Ukususwa kodaba ohlwini lwamacala akusho ukuthi amacala ayahoxa noma umuntu uphume phambili. Ngesikhathi sibabopha sasingalindele ukuthi kungaba nokubambezeleka okungaka. Konke ukubambezeleka kudalwe wukuthi wudaba olunzulu lolu, kunemiqingo yobufakazi eminingi esadinga ukucutshungulwa,’’ kusho uSeboka.
Uthe uma sebeqede konke bazofaka isicelo sokuthi udaba lubuyiselwe enkantolo ngoba bakholwa wukuthi uKoko kufanele aphendule ngezinsolo.