USINDE olakeni lweSikebhe esidume ngokutitinya abantu sibashiye umndondo umelaphi wendabuko waseShowe, wodumo lwengoma i-Absa, uMnuz Mabalengwe Ntombela.
Lo melaphi ubesongelwa yile nhlangano ebithi imfuna uthuli ngemuva kokubikelwa yindoda ezibiza ngoNdlovu, ebisola uMnuz Ntombela ngokuthi wenza izethembiso ezingafezekanga ngesikhathi ezofuna usizo kuyena njengomelaphi. Wabe esembika kule nhlangano.
Kuleli sonto uMnuz Ntombela uhlangane nale nhlangano, udaba lwaxazululeka kwazise bese lumpaza nasezinkundleni zokuxhumana kuthiwa lo melaphi ufunwa yithimba leSikebhe. Naleli phephandaba labika ngalolu daba.
Umhlangano, obe phakathi kwabeSikebhe noMnuz Ntombela ehostela eBuyabephethe eGoli, uthele izithelo njengoba kugcine kuxoxiswana ngaphandle kokuthi kube khona otitinywayo. Ubuhlelwe nguSihlalo wabelaphi bendabuko KwaZulu-Natal, uMnuz Phumlani Dlamini.
UDlamini uthe bekumqoka kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo mayelana nalolu daba.
Uthe akumele kube khona izixakaxaka okanye izingqinamba phakathi kwabelaphi bendabuko namakhasimende abo.
"Kumele singabelaphi bendabuko senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyazixazulula zonke izinkinga eziba khona phakathi kwethu namakhasimende ethu,'' usho kanjena.
USihlalo weSikebhe, uMnuz Sibangani Manyathi, uthe kube kuhle ukuthi lolu daba lugcine luxazululekile.
Ube esegcizelela kakhulu ukuthi kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi kwabelaphi bendabuko namakhasimende abo.
"Okuyikhona okumqoka kakhulu ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle, kungabibikho ukungenami kumakhasimende okungaze kuholele engxabanweni,'' usho kanje.
UMnuz Ntombela uthe kube kuhle ukuthi lolu daba lugcine lufinyelele esiphethweni. Uncome ubuntu emalungwini eSikebhe. "'Ngithe ake ngizilethe mina kusona iSikebhe. Uma kufanele ngife, bekungamele kube njalo.''
Uthe akusilona iqiniso ukuthi iSikebhe sibunjwe ngabantu abayizindlavini.
Uthe yena akuqaphelile ukuthi sinabantu abaphokophelela ukuxazulula izinkinga ngendlela enokuthula.
"Ziningi izigebengu lapha ngaphandle ngakho-ke kuhle uma kukhona abantu abazimisele ngokuqondisa okubonakala kungaqondile,'' egcizelela.