ABAQASHI bomrepha nomethuli wezinhlelo uJub Jub, iMoja Love, bathi bazodedela abomthetho benze umsebenzi wabo, bona bazolwelusa udaba nje kuphela.
UJub Jub igama lakhe langempela okunguMolemo Maarohanyane, uvele eNkantolo yeMantshi eGoli ngamacala okudlwengula, ukuzama ukubulala nokushaya.
Udedelwe ngebheyili kaR10 000 ngosuku avele ngalo enkantolo emuva kokuthi uMbuso ungasiphikisanga isicelo sakhe. Icala lakhe lihlehlele u-Agasti 24 kanti akukacaci ukuthi ngobani abagilwa ababophise uJub Jub.
UJub Jub uzakhele udumo ngohlelo Uyajola 9/9 lapho avundulula khona izimfihlo zabantu abajolela izithandwa zabo. Kwenzeka konke lokhu-nje kulindeleke isizini ka-10 yohlelo Uyajola 9/9 olwethulwa nguyena umrepha uJub Jub.
Okhulumela isiteshi, uNonzwakazi Cekete, uthe udaba lukaJub Jub bayazi ngalo futhi balubhekile.
“Isiteshi sizwile ngokuvela kukaJub Jub enkantolo ebhekene namacala ahlukene. Ulwazi esinalo lukhomba ukuthi uzinikele emaphoyiseni wase ededelwa ngebheyili. Isiteshi sizolwelusa udaba futhi sizodedela umthetho uqhubeke nendima yawo,’’ kusho uNonzwakazi.
Emuva kokuvela kwakhe enkantolo, uJub Jub ubhale ezinkundleni zokuxhumana ecaphuna amavesi eBhayibheli eveza nokuthi awekho amanga azoba namandla empilweni yakhe.
UJub Jub uboshwa nje, usuka khona ezikhindini lapho abedonsa khona isigwebo sokubulala nukuzama ukubulala, wukushayela edle izidakamizwa nokudlala umjaho wezimoto emgwaqweni womphakathi.
Kuleso sigameko kwashona abafana abane abalinyazwa nguyena uJub Jub nomngani wakhe uThemba Shabalala. UJub Jub noShabalala badedelwe ngoshwele ngo-2017 njengoba esephinda evela enkantolo.