NKOSIKHONA CELE
UKUBULAWA kwabantu osekuphenduke insakavukela, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukwanda kwabantu bokufika, ukuqashwa kwabantu ngobuhlobo nokugqoza kwamathuba omsebenzi ngezinye zezinto i-African Transformation Movement (ATM) ephoselwe inselelo ngazo.
Le nhlangano ezichaza njengemele ubulungiswa nokubuyisa ithemba kubantu ibinomhlangano nabefundisi bamahlelo ahlukene eMargate, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yesifundazwe seKwaZulu Natal.
Kuvelile lapha ukuthi inhloso ngqangi yokuhlangana kwale nhlangano nabefundisi bakule ndawo bekungukuzolalela kabanzi ukuthi yini abayifisayo nabafuna ukuthi yenzeke eNingizimu Afrika.
Bebengaphezulu kuka-300 abefundisi ebebekhona bonke abanikezwe ithuba eliyingqayizivele lokusukuma basho okusezinhliziyweni zabo.
Yilapho- ke abaveze khona ukuthi kabagculisekile ngazo zonke lezi znto esezibaluliwe ngenhla.
UMphostoli Mxolisi Phakathi oyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu Natal kanjalo nela lenhlangano uthe bafuna ukuthi iNingizimu Afrika ibe yizwe elibuswa kangcono kunalokhu eliyikhona manje.
UPhakathi ophinde abe yilungu leTwelve Apostolic Church in Christ (TACC) uthe bayayemukela inselelo abayiphonselwa ngabefundisi bamahlelo ahlukene abeyingxenye yalo mhlangano omkhulu.
Ukhumbuze abefundisi ukuthi izwe kumele libuswe ngezisekelo nangezimiso zombuso kaNkulunkulu.
Ukhuthaze abefundisi mgokuthi uma bevota babe nonembeza bakhumbule ukuthi amavoti yiwo akhomba indlela yokuthi izwe kumele liphathwe kanjani.
Ube esecaphuna encwadini ka-Isaya 9:6 efundeka kanje: “Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwa indodana: umbuso uyakuba semahlombe akhe negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.”
Uthe okuyikhona okumqoka wukubona abantu bephila impilo engcono ngaphandle kokweswela.
I-ATM isembhidlangweni wokuhambela amabandla ehlukene akhona KwaZulu-Natal futhi ifuna ukubumba ubudlelwano obuqinile nezinceku zenkosi.
Le liqembu lisungulwe ngaphansi kwesisekelo senkolo yokubusa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni wonke.
Likubeka eqhulwini ukubaluleka kokusebenzisana kwabaholi bamabandla.
UMphostoli Sandile Msimanga ongomunye wabefundisi osenokhakhayi oluqinile ube namazwi obuhlakani abewabhekise ngqo kwi-ATM.