NKOSIKHONA CELE
UKUTHANDANA kwabantu bobulili obufanayo sekuyinto ejwayelekile eNingizimu Afrika. Abanye baze babophe nefindo likasofasilahlane.
Umbuzo omkhulu uthi ngabe abefundisi bangakuvuma yini ukushadisa abobulili obufanayo noma cha? Isolezwe Ngempelasonto libathintile ukuzwa ukuphawula kwabo.
UMbhishobhi Vusi Dube we-EThekwini Community Church (ECC) ulimise ngesihloko elokuthi angeke aze abashadise abantu bobulili obufanayo.
Lokhu uthe ukusho ngenxa yezizathu zakhe ezithize. Eqhulwini, uthe uma eshadisa uneziyalo aye azinikeze labo bantu ababili abasuke bebopha elikasofasilahlane.
Uthe uma eshadisa abobulili obufanayo ngeke aze abe nazo iziyalo angabayala ngazo.
"Isibonelo nje; ngiye ngithi owesifazane akayithobele indoda. Ebese ngithi indoda ayimthande umkayo. Lokho kulotshiwe naseBhayibhelini. Uma ke sengishadisa abobulili obufanayo, ngampela awungitshele ukuthi ngizobayala ngithini nje?“ kubuza uMbhishobhi uDube.
Eqhuba, uthe nakuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kusakhulunywa ngobulili obubili, hhayi obuthathu.
UMphostoli uMusa Khwela weJesus Restores Ministries International, naye uthe ngenxa yesifundiso seNkolo yobuKhristu akholelwa kusona, angeke abashadisa abantu bobulili obufanayo.
Noma kunjalo, uthe kodwa wonke umuntu odla anhlamvana unelungelo lokwenza lokho akholelwa kukhona.
"Uma bengeza kimina ngingazihoxisa ebese ngiyabatshela ngezizathu zami zokwenza lokho. NgokweBhayibheli, uNkulunkulu udale owesifazane nowesilisa,'' kuchaza uMphostoli uKhwela.
Ugcizelele ukuthi abekho abantu okumele babandlululwe ngenxa yezizathu ezithile, wathi okuhle ukuthi ilungelo ngelawo wonke umuntu okhona eNingizimu Afrika.
"Mina ngingasebenzisa elami ilungelo lokuthi uma into ngingayithandi kumele ukuthi ngingayenzi. Nabo kodwa labo bobulili obufanayo bangashada ngoba nabo yilungelo labo,'' usho kanjena.
UMbhishobhi Linda Mandindi webandla lamaWeseli, uthe naye angaxolisa uma bengase bamcele ukuba abashadise.
Noma kunjalo, uthe kumqoka ukuthi akuveze ukuthi akacwasi muntu futhi akabandlululi muntu.
Uthe bonke abantu banelungelo ngendlela elinganayo futhi efanayo.
Uthe yena angasebenzisa elakhe ilungelo ukungabashadisi kodwa lokho ekwenza ngenhlonipho ngoba uyakholwa ukuthi bonke abantu bayadinga ukuhlonishwa.
Uthe nabobulili obufanayo nabo banawo awabo amalungelo okwenza lokho abakufisayo ngesikhathi abasifisayo.
UMfu Thulani Gwala uthe angaxolisa ngenxa yokuthi uNkulunkulu walibhubhisa iSodoma neGomora.
Wathi iBhayibhelini lithi abantu mabazalane bande. Wabuza ukuthi bazokwanda kanjani uma kukhuthazwa imishado yalolu hlobo?
Okhulumela inhlangano iLesbian and Gay Community and Health Centre, uNksz Nonhlanhla Mkhize, uthe angeke babaphoqa abefundisi ukuba babashadise ngoba banelungelo lokungakwenzi lokho uma bengathandi.
Uthe abananxa namabandla kuphela baqhathwa yizintshumayelo abazenzayo ezingcofa abobulili obufanayo #isolezwengempelasonto