KUKHALWE ngezinkantolo nezobulungiswa eNingizimu Afrika kumasha i-EFF ePhoenix, okuthiwa zicindezela abohlanga ngaso sonke isikhathi.
Abamabandla nenhlangano i-Radical Economic Transformation (RET) abebeyingxenye yemashi ye-EFF izolo, bathi lokhu kufakazelwe yimpatho entofontofo futhi ekhethekile enikwa amaNdiya angabasolwa ababoshelwe amacala okuzama ukubulala kanye nelokubulala abohlanga ngezibhelu ePhoenix..
Babuze ukuthi kungani kuze kube manje zingakaze zivezelwe umphakathi izithombe zabasolwa ekubeni bengu-33 abohlanga abasocongwa ngesihluku ngenyanga edlule.
UMbhishobhi Timothy Ngcobo obezokweseka imashi ye-EFF, uthi iNkantolo yeMantshi yaseVerulam, okuvela khona abasolwa, ayiyiphathi nokuyiphatha eyokushuthwa nokuqoshwa kwabasolwa.
UNgcobo uthe okwenzekayo kukhomba ukungalingani kwabantu baseNingizimu Afrika athe izithombe zabohlanga abasoleka emacaleni abucayi bavezwa ngisho sebezikhindini imbala.
“Siyafuna ukubabona abasolwa njengoba kwenziwa kwabohlanga. Akungabi nokwenzelela endleleni izinkantolo zethu ezisebenza ngayo. Akusiphathi kahle esikubona kwenziwa yinkantolo yaseVerulam esibona sengathi ivikela abantu abenze into enesihluku nonya bebulala abantu abangenzanga lutho beqhutshwa wubandlululo,” kusho uNgcobo.
Inkulumo yakhe ifakazelwe nguMnuz Nkosentsha Shezi ongusihlalo kazwelonke we-RET obezozimazisa abebemasha izolo, othe kuyadabukisa ukuthi kuze kwasukuma i-EFF yazoduduza abantu abashonelwe nabalinyalelwe yizihlobo zabo ekubeni ikhona i-ANC.
UShezi uthe kusukela kudala izinkantolo zaseNingizimu Afrika bezicindezela abohlanga zivune abezinye izizwe.
“Izinkantolo zilawulwa yidlanzana labathile okwaziwayo ukuthi uma kuye bona enkantolo nakanjani zizobavuna. Ngaphandle kokuthi zicindezela abohlanga, izinkantolo sezisetshenziselwa ukulwa izimpi zezepolitiki,” kusho uShezi.
Ukukhala kwalezi zinhlaka ngokungavezwa kwababoshelwe izibhelu zasePhoenix kulandela okwe-ANC Women’s League eThekwini ethe akuyiniki ukuthula indlela ewukukhetha iphela emasini ekhonjiswa yiNkantolo yeMantshi yaseVerulam egoloza ukuba kushuthwe abasolwa, izithombe zabo zinekelwe umhlaba wonke.