USIHLALO we-ANC KwaZulu- Natal, uMnuz Siboniso Duma, uhole umkhuleko wokuyocela inhlanhla ethuneni likaMongameli wokuqala wenhlangano uDkt John Dube, Ohlange, eNanda.
Umkhankaso obuholwa nguDuma ubuhanjelwe nangabaholi bezenkolo abehlukene.
Ithuna likaDube linomlando oqavile kwi-ANC kanti noMnuz Nelson Mandela, wavota okouqala Ohlange, waqeda wabika ethuneni likaDube ukuthi inkululeko isifikile ezweni.
I-ANC isiqalile ukweshela abavoti ukuthi bayikhumbule embusweni wayo okhethweni lukazwelonke oluzoba nonyaka. Isigomagoma esinguDube saba ngumongameli we-ANC ngenkathi isungulwa ngo-1912 kuya ku-1917. UDube washona ngoFebhuwari 11, 1946, wayezalwe ngoFebhuwari.
UDuma uthe baye ethuneni likaMbuyazi ngenhloso yokuyocela inhlanhla ngoba uyidlozi labo.
“UDube waba ngumongameli we-ANC wokuqala wenza okuningi waze waba owokuqala omnyama ukwakha izikole. Abefundisi basicelile ukuthi asize kumengameli uDube sizocela inhlanhla nokuqondiswa endleleni ngokufanele sikwenzele abantu,’’ kuchaza uDuma.
Umzukulu kaDube, uMnuz Langa Dube uthe kuwuphawu oluhle ukubona abantu benhlangano bebuyela ekhaya ledlozi labo.
“Kuyinto ejabulisayo kithina njengomndeni ngoba leli yikhaya ledlozi le-ANC. Siyamncoma uDuma ukuthi ashiye konke eze lapha ezobungaza lolu suku lomkhuleko,’’ kusho uDube.