ISAZI somnotho nezomthetho uSolwazi Bonke Dumisa, sithi abantu basazodonsa kanzima kakhulu kunakuqala ukukhokhela izikweletu zabo njengoba ibhange lombuso linyuse imali mboleko ngo-50 basis points layibeka ku-8.25%.
Lokhu uthe kusho ukuthi amabhange azonyusa inzalo ekhokhwa ngabantu ezikweletini zabo ibe wu-11.75%.
UDumisa ubevele ekuqagulile ukuthi ulindele ukuthi ibhange lombuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) liyinyuse ngo-50 basis points ngenxa yokuthi lihlale lifuna ukuthi amandla emali abe phakathi kuka-3% no-6%.
“Ayikezukwehla imali mboleko kunalokho ucwaningo lwethu luveza ukuthi izonyuka wonke lo nyaka. Benginethemba lokuthi iSarb izoyinyusa okungenani ngo-25 basis points yize bengazi ukuthi uma amandla emali eku-6.8% esuka ku-7.1% ngoMashi.
“Yisimo esinzima esibhekene naso ngoba kusho ukuthi izindleko zethu zizokhula, imali esiyiphethe ibe incipha,” kusho uDumisa.
Ucele labo abasindwayo yizikweletu zabo zezindlu, izimoto nezinye izimali abaziboleke emabhange ukuthi baphuthume bayoxoxisana nalabo ababakweletayo.
“Sesiqalile ukubona abantu bedlelwa imizi nezimoto. Ngiyacela ukuthi uma bebona ukuthi izindleko zabo ziningi kakhulu kunemali abayitholayo, bahambe bayoxoxa nababakweletayo ukuze beze nohlelo lokukhokhela izikweletu olungeke lubasinde,” kusho uDumisa.
Umphathi weSarb, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe ngeke bayeke ukunyusa imali mboleko ngokubheka amandla emali ngoba yindlela esebenzayo lena.
“Abantu bakuleli bazozwa ubuhlungu okwamanje kodwa yibona abazohlomula ngokuhamba kwesikhathi. Ukube omasipala bakhokhisa abantu ngokwamandla emali amanzi nogesi ngabe nemali mboleko ayinyuki kanjena,” kusho uKganyago.
UMnuz Trevor Shaku okhulumela iSouth African Federation of Trade Unions ebimasha ngaphandle kwamahhovisi eSarb, uthe bathukile ukuthi amalungu aleli bhange avumelane wonke ukuthi kunyuswe imali mboleko ngo-50 basis points.
“Ukunyuka kwemali mboleko kanjena kujezisa abantu abampofu nabasebenzi. Osomabhizinisi kulula ukuthi badilize abasebenzi uma bengasakwazi ukumelana nezikweletu zabo.
“Lokhu kusho ukuthi sizokwandisa abanye abantu abangasebenzi kulo 11 million vele ohleli emakhaya. Sidinga ibhange lombuso elicabangela abantu hhayi leli elibahleli emahlombe,” kusho uShaku.
Uphethe ngokucela iSarb ukuthi iyeke ukujezisa abantu bakuleli ngezinkinga abangahlangene nazo.