“SISAZOQHUBEKA sande isibalo samantombazane amancane athola izingane uma abazali bengazichazeli ngendlela eyiyo ukuthi ucansi luyini.”
Lokhu kushiwo uNkk Mara Glennie weTears Foundation ephawula ngokukhula kwesibalo samantombazane amancane abelethe izingane ngoKhisimusi ezibhedlela zakuleli.
Babili omama abaneminyaka ewu-15 ababelethe ngoKhisimusi, omunye ubelethele esibhedlela eMshiyeni Memorial, KwaZulu-Natal, omunye ubelethele esibhedlela iTonga, eMpumalanga. Bangu-33 omama abasebancane ababelethile.
UNkk Glennie uthe uma abazali bengaqinisi ekukhulumeni nezingane zabo zamantombazane ngokuya ocansini sizolokhu sinyuka isibalo samantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-19 athola izingane.
"Abazali kumele uma bekhuluma nezingane ngendaba yokuya ocansini bacacise konke bangafihli lutho ngoba ziningi izingane zamantombazane ezingazi ukuthi ukuya ezinsukwini kowesifazane kuhlangene nokukhulelwa.
“Okunye okufanele sikufundise izingane zethu zamantombazane wukuthi ukuthandana nomuntu akumnikezi ilungelo lokuthi aye nawe ocansini noma ungafuni ngoba iningi lamantombazane akhulelwayo athandana nabantu abadala abawakhohlisayo bathi ngeke akhulelwe obekungeke kwenzeke uma efundiswe kahle ngocansi nokuzivikela ekutheni akhulelwe.
“Njengamanje amantombazane amancane ayesaba ukuhlela imindeni, uma esenophathina bawo ayesaba ukukhuluma udaba lwamakhondomu," kusho yena.
Zilinganiselwa ku-1 000 izingane ezizalwe ngoKhisimusi kuleli, kuzo ezingu-99 zizalwe KwaZulu-Natal, ezingu-217 zizalwe eLimpopo, ezingu-188 zizalwe eWestern Cape, ezingu-423 zizalwe eGauteng, ezingu-21 zizalwe eNorthen Cape, ezingu-40 zizalwe eMpumalanga.
UNgqongqoshe wezeMpilo eMpumalanga, uNksz Sesekani Manzini, uthe komama abangu-40 ababelethe izingane kulesi sifundazwe, bathathu abasebencane kubo okukhona noneminyaka ewu-16 obebeletha ingane yesibili.
"Kuyakhathaza ukuthi ingane engaka isinezingane ezimbili, ayisakwazi ukuthokozela ubungane bayo. Siyazama ukuhlanganyela nomphakathi sibe nezinhlelo zokufundisa intsha ngobungozi bokusheshe izibandakanye nocansi," kusho uNksz Manzini.
UDkt Phophi Ramathuba, uNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo, uthe nyakenye omama abasebancane ababelethe ngoKhisimusi bebengu-29, kulo nyaka bangu-33, okukhomba ukuthi isibalo siyenyuka kunokuthi sehle.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthe ngaphandle kwentombazane eneminyaka engu-15 kwabelethile kunamanye aneminyaka engu-18 nawo abalethile.
"Lokhu kusitshela ukuthi la mantombazane aqale ukuya ocansini engaphansi kwale minyaka akhulelwe ngayo. Amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-19 asuke engakakulungeli ukubhekana nezinselelo zokuba ngabazali. Ngaphezu kwalokho asuke ezibeka engcupheni yokuthola izifo zocansi ezihlanganisa neHIV uma eya ocansini olungavikelekile," kusho yena.