AMALUNGU omphakathi awahambisani neyokuqalwa phansi kokuqulwa kwecala lokubulawa kwalowo owayengunozinti webhola, uSenzo Meyiwa.
Kuvele izolo ukuthi leli cala selizoba nejaji elisha elizolalela ukuqulwa kwalo kabusha.
Lokhu kusho ukuthi ofakazi, ebese bevele ngaphambi kwenkantolo babethula ubufakazi babo, bazophinde babuqale phansi ngaphambi kwejaji elisha.
UMnuz Lunga Nombela, wakwa-E eNtuzuma, uthe ngumuntu oyedwa owadubula uMeyiwa, kwakhona ukuthi kunabasolwa abayisihlanu kuleli cala, kushayisa amakhala.
"Uyabona ukuthi kulaba abayisihlanu ababoshiwe, abazi lutho. Ubulungiswa angiboni buyotholakala ngesikhathi, ngisho nobaba kaSenzo waze washona elindile," kusho uNombela.
UMnuz Senzo Zulu waseThekwini uthe abaziyo bathi leli cala linezimfihlo phakathi, wathi ngokubuka kwakhe ngeke kuze kuphele manje ukuqulwa kwalo.
"Alivele liyekwe ngoba kusobala ukuthi ngeke benziwe ubulungiswa, selidonse isikhathi eside kakhulu. Liyindavundavu," kusho uZulu.
Ongumakhelwane kaMeyiwa eMlaza kwa-K, uMnuz Musawenkosi Mhlongo, uthe inkinga yaba sekuqaleni.
"Kwakufanele kuboshwe ababesendlini. Sekufe ngisho amaphoyisa ayeyingxenye yabaphenyi. Kuleli lizwe umthetho asisenawo. Ubulungiswa ngeke nhlobo benzeke," kusho uMhlongo.
Uthe kwakufanele ababesendlini kube yibona abachazayo ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
"USenzo waba nebhadi, ubulungiswa kuyena abenziwa. Ungaze ufunge ukuthi kwabulawa abantu abayishumi, kube kwabulawa umuntu oyedwa," kusho uMhlongo.
Ugcizelele ukuthi ababesendlini bayazi ukuthi ubani owabulala uSenzo.
UMnuz Tshepo Moloi, oseThekwini kodwa ongowokudabuka eBloemfontein, uthe kubuhlungu ngoba nobaba kaSenzo sewaze washona.
"Abukho ubulungiswa kuleli cala.
Ukubambezeleka kwalo kukhomba ukuthi ubulungiswa abusoze babakhona," kusho uMoloi.