UMNDENI awanelisekile ngesigwebo esinikezwe owayeyiphoyisa, uMthokozisi Nene, ogwetshwe ngecala lokubulala unkosikazi owayenguthisa, uNkk Thobeka Nene.
Udadewabo kaNkk Nene, uNksz Halala Msomi, uthe sincane isigwebo esinikwe uNene uma kubhekwa icala agwetshwe ngalo.
UNene ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele.
Isigwebo sakhe sethulwe iJaji Simon Hadebe, eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoMsombuluko.
UNene wadubula wabulala uNkk Nene ngo-2022 emva kwengxabano eyenzeka emzini wabo oseNtshanga.
Ingxabano kuthiwa yasuswa ukuthi uNene wafika nentombi emzini wabo.
UNksz Msomi uthe uNene ufanelwe isigwebo esingaphezu kwalesi asitholile.
“Wadubula umuntu wesifazane, walimala waphela ebusweni. Lo muntu wenza isihluku esinjena ekubeni eyiphoyisa.”
UNksz Msomi uthe okubacasula kakhulu ukuthi uNene ucele ukusiphonsela inselelo isigwebo sakhe.
Isicelo usifake emva kokwethulwa kwesigwebo sakhe.
UNksz Msomi uthe uNene ukhombisa ukungazisoli.
“Njengoba engafuni ukuyodonsa iminyaka engu-25, ufuna ukudonsa iminyaka emingaki? Ufuna ukudonsa iminyaka eyishumi? Usemncane kabi lo muntu, akadonse iminyaka yakhe ewu-25, bese eyaqhubeka nempilo.”
Inkantolo ibigcwele phama ngesikhathi kwethulwa isigwebo.
Abebezolalela icala bebelokhu betinyela uNene ngamazwi uma inkantolo isaguqile.
Unina kaNkk Nene, uNkk Thandekile Msomi, uphume enkantolo esebanjiwe ngesikhathi kuqhubeka ukwethulwa kwesigwebo.
UNksz Msomi uthe ukubulawa kukadadewabo kumhlukumezile uNkk Msomi.
UNksz Msomi uthe unina osebheke izingane zikaNkk Nene ezimbili.
Uthe nazo izingane zikaNkk Nene zihlukumezekile.
“Azenzi kahle esikoleni. Lona ofunda ibanga lesibili sebeze basitshela esikoleni ukuthi asimkhiphe ngoba simosha imali yethu. Nalona omunye bathi akhona amathuba okuthi angaphumeleli.”
Ethula isigwebo, uHadebe uthe uNene akazange akhombise ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka icala njengoba ayelokhu emile kwelokuthi umsulwa.
UHadebe uthe uNkk Nene wabulawa ngesihluku, wathi isigwebo senkantolo sizothumela umyalezo oshubile ikakhulukazi njengoba isihlava sokubulawa kwabesifazane sibhebhetheka kuleli.
“Wadubula umufi ebusweni, eseduze. Umufi wabulawa ngesihluku, ummangalelwa akanandaba nempilo yomunye umuntu. Kubuhlungu ukuthi wabulala unkosikazi wakho kabuhlungu kanjena wangabe usacabangela nezingane zenu. Ummangalelwa unesihluku. Njengephoyisa uyena okufanele engabe uvikela umkakhe kanye nomphakathi wonke jikelele.”
UHadebe uthe kunofakazi abaveze ukuthi uNene ubehlukumeza unkosikazi wakhe nangaphambi kwesigameko njengoba izingane zabo ezimbili bese zihlala komalume.
Ngo-2019, uNkk Nene wafaka isicelo sesihlukaniso kodwa baqhubeka bahlala ndawonye.
Ummeli kaNene, u-Advocate Shane Matthews, uthe enye inkantolo ingamnika isigwebo esincane uNene.
UMatthews uthe kunobufakazi obungashayi khona okwakufanele ukuthi inkantolo ingabumukeli.
Uthe ubufakazi bukaMnuz Nxumalo, owathi ungumakhelwane, kwakufanele buchithwe ngoba kwavela ukuthi akakhelene kakhulu nomuzi kaNene.
Uthe nobufakazi bukaNksz Nothile Dladla kwakufanele buchithwe ngoba akazange abone kudutshulwa umufi, wezwa ukuqhuma kwesibhamu.
Kepha umshushisi, u-Advocate Lauren Marias-Myeni, uthe awekho amathuba okuthi uNene anganikwa isigwebo esingaphansi kwalesi asinikiwe.
Inkantolo izonquma ngoDisemba 13 nonyaka ngalesi sicelo.